12  | Izindaba

Friday, 17  April  2026

Kulobe:
uMenzi Jele

Ezempilo

 Isifo sokucinana sinamandla ebusika


I-tissue iyingozi kubantu abane-sinus...

Image

Ukuncinza kumbe ukuluma kwamakhala ngesinye sezinkomba ze-sinus.

IZIFO ezahlukene zivama ukuba namandla ngesikhathi sasebusika, ngoba kuyabanda. Nesifo sokucinana (sinus), sibuya ngamandla ebusika, ikakhulukazi ngezikhathi zasekuseni nasebusuku.

Uma isifo sokucinana sikuhlasela, uqala ngokuthimula okunganqamuki. Uzizwa uba nesiyezi, ugcine usuphathwa yikhanda. Isifo sokucinana  sibangwa yigciwane elaziwa ngokuthi "yiSinusitis", elisabalala ngomoya.

UKUCINANA

Uma ucinene, donsa umoya kakhulu uma uphefumula. Yize amaphilisi alwa namagciwane emzimbeni (antibiotics), esiza uma une-sinus, kodwa izinto ezine-menthol njengeVicks, odokotela nosokhemisi bathi yizona ezishaya emhlolweni.

Umkhuhlane nokucinana  kuyahambisana, ngakho kubalulekile ukuthi uzinike isikhathi sokulala nokuphumula.

IZIMPAWU ZE-SINUS:

👉🏾 Ukuthimula okunganqamuki.
👉🏾 Ukuba nomuzwa wokuthi ucikice amakhala ngoba ayaluma ngaphakathi.
👉🏾 Ukuba namakhala amanzi, uhlushwe amafinyila.
👉🏾 Ukuba nesiyezi nokuphathwa yikhanda.

Image

 Kukhuthazwa ukuba ujwayele ukugeza izandla. 

OKUFANELE UKWENZE:

✔️Jwayela ukugeza izandla uma uqeda ukufinya.
✔️Sebenzisa indwangu ehlanzekile uma ufinya.
✔️Gwema ukubhema ugwayi nokuba seduze nabantu ababhemayo.
✔️ Gwema ukuba sendaweni enezintuli.
✔️Gwema ukuba sendaweni enentuthu.
✔️Uma uthimula, vala amakhala ngeduku noma ngandwangu.
✔️ I-tissue iyingozi uma une-sinus.

Ukucinana kuyelapheka futhi kuyagwemeka.

Okunye okufanele ukwazi wukuthi i-sinus noma ukucinana, kuwufuzo. Uma kwake kwabakhona owaba nalesi sifo emndenini, aphezulu amathuba okuba sikuhlasele.

🖊Ulwazi ngabe: Medi Clinic Journal

0