12 | Izindaba
Friday, 05 December 2025
Itholakala ngomjovo, i-drip, amaphilisi newu-powder...
Thandi Zondi
NJENGOBA sekuyisikhathi samaholide kaZibandlela, iningi likhuluma ngama-summer body nesikhumba esichachambile (glowing skin).
Phela uma kuza kwezobuhle kuba khona okungenisayo njengoba kwenzeka nasezimpahleni zokugqoka. Muva nje igama elithi collagen, lisezindebenzi zabaningi uma kuza kwezobuhle. Sixoxisane noDkt Nontobeko Zondi weDr N Zondi Aesthetics and Wellness ukusichazela kabanzi.
NguDkt Nontobeko Zondi weDr N Zondi Aesthetics and Wellness.
"I-collagen iyisakhamzimba (protein) esibaluleke kakhulu emzimbeni. Itholakala esikhunjeni, kumamasela nasemathanjeni. Ilekela ukweseka zona lezi zindawo esengizibalile la etholakala khona.
"Ifana nensika esikhunjeni eyenza ukuthi isikhumba sihlale sigcwele kahle futhi sikwazi ukunwebeka kahle siphinde sibuyele esimweni.
"Isibonelo nje lapho umuntu esuke ehleka noma emamatheka, isikhumba kumele sinwebeke siphinde sibuyele kahle esimweni, kanjalo nakumamasela, kanti emathanjeni yenza ukuthi ahlezi eqine kahle," kuchaza yena.
Ihluke ngani kwezinye izinto zokunakekela isikhumba?
"Umehluko kwi-collagen nezinye izinto zokunakekela isikhumba ukuthi ayibhekeleli isikhumba kuphela. Kodwa isiza ngokweseka nezinye izingxenye zomzimba ezibalulekile njengoba besikhulume ngamathambo, amamasela, izicubu kanjalo namajoyinti nemisipha futhi.
"Okunye uma sibuka umsebenzi wayo esikhunjeni, isiza ukuseseka ukuze sihlezi sigcwele kahle, ukuze singatholakali sesinemigodi noma imibimbi," kuqhuba uDkt Zondi osebenzela eThekwini naseGreytown.
Umehluko phakathi kwe-collagen ejovwayo nephuzwayo
"Into ewumjovo iyashesha ukufika egazini, nayo imijovo yehlukene kukhona lo wasesinqeni bese kuba khona lo wakwi-drip ongena emithanjeni yegazi. Lo we-drip ushesha kakhulu ukusebenza ngoba ushesha ufike emalungwini omzimba, okungamajoyinti, izicubu, imsipha, nasesikhunjeni. Kuma sejari ethu siye sisebenzise ikakhulu le ekuma-drip i-collagen."
"Into emnandi ngayo wukuthi kasinikezi umuntu imijovo ezolekelela noma ezovukuza i-collagen kuphela kodwa sengeza namanye ama-vitamin kuyo le drip ye-collagen, sifaka uVitamin C, ama-minerals alungele umzimba, siphinde sifake nomunye umjovo wesikhumba obizwa nge-Glutathione olekelela ukuthi umuntu agqame kahle.
"Uma kungabe kunezinkinga ezikhona njengamabala ezinduna, yona isiza ekutheni umuntu abe nesikhumba esigcwele kahle futhi esibushelelezi esingenawo amabala.
"Nayo le ephuzwayo eyimpushana (powder) neyijusi nayo iyasebenza kodwa-ke ifuna ulokhu uyithatha njalo kanti le ekuma-drip ungayithatha ihlale egazini, ayidingi uyithathe ngaso sonke isikhathi," esho.
Umzimba uyazakhela i-collagen
UDkt Zondi uthi i-collagen kukhona izinto eziye ziyilimaze igcine yehla emzimbeni ngoba umzimba uyazakhela yona - kodwa kunezimo ezithile ezidala ukuthi inciphe.
"Okokuqala wukukhula, ngesikhathi sikhula umzimba uya ngokuya ulehlisa igiya lokuzakhela
i-collagen, bese sithembela ekutheni siyithole ngandlela thizeni.
"Lokho siyaye sikubone ngokuthi kujwayele ukuthi kube nenkinga yemibimbi. Okunye siyaye sibone ngokuthi umuntu elokhu ehlushwa amajaqamba noma isifo samathambo. Lokho-ke kusuke sekuwuphawu lokuthi kumele sithole indlela yokuvukuza i-collagen," esho.
UDkt Zondi uthi ukunakekela isikhumba akusikho okwabesifazane kuphela, kepha nabesilisa kumele bazinakekele.
"Kubalulekile ukunakekela isikhumba njengoba sinezifo ezifana nomdlavuza wesikhumba. Njengoba sike sasho phambilini ukuthi iminyaka inomthelela ekuncipheni kwe-collagen kanjalo nokuhlala kakhulu elangeni ungazivikelile, lokhu kuthinta bonke ubulili.
"Amadoda nawo kubalulekile ukuthi anakekele isikhumba, uma uzophumela ngaphandle elangeni ufake i-sunscreen ekuseni ukuvikela ilanga."
Uthi kubalulekile ukugwema izinto ezingehlisa
i-collagen okuwutshwala nokubhema, ngaphandle kokubhekelela isikhumba ukugwema lezi zinto kuyasiza nasempilweni jikelele.
Uthi i-collagen iyadingeka kakhulu, uyakwazi ukuyithola ewuketshezi negcotshwayo.
"Kuyasiza nokuya kudokotela kube nguyena obheka uhlobo lwesikhumba sakho, ungavele uziyele wena ekhemisi okanye ufake i-drip. Kumqoka ukusebenzisana nomuntu oqeqeshelwe lowo msebenzi," kuphetha yena.
UDkt Zondi utholakala ku: 078 753 7602 (eGreytown) noma
ku-071 469 3489 (eThekwini) kuyabhukhwa.