12 |  Izindaba

Friday, 18 July 2025


Ezempilo 

Amajaqamba abuya njalo angakhomba  inkinga edinga udokotela

Imvamisa kawanabungozi , futhi kukhona ongakwenza ukuwagwema 

Image

Amajaqamba akuyona into into edinga ukhathazeke ngayo, kodwa uma esebuya ephindelela kungadinga ubonane nodokotela.

Mthokozisi Dlomo

UKUBANJWA yijaqamba wubuhlungu obungabekezeleki, kodwa imvamisa akunawo umonakalo omngako, kanti futhi zikhona izinto ongazenza ukukugwema.

Ngokusho kongoti beMayoclinic.org, amajaqamba akuyona into okumele ibe ngamahlalakhona kumuntu futhi kumele isheshe iziphelele, uma kungenjalo kumele usheshe uyisukumele.


Uma ubanjwa yijaqabamba kusuke kudonseka umsipha okwenza kuqine amamasela (muscles).

Ongoti bathi amajaqamba angadalwa wukuzivocavoca noma ukusebenza kanzima, ikakhulu endaweni eshisayo, kanti kokunye angadalwa yimishanguzo ethile nokugula.

Image

Ukuzivocavoca kubalwa njengento engawadala amajaqamba.

Izimpawu zamajaqamba

Imvamisa amajaqamba enzeka emlenzeni, ikakhulukazi ezihluzwini nangemuva kwamathanga. Kuyenzeka ijaqamba likubambe imizuzwana (seconds) embalwa noma kuphele amaminishana impela. Uma selikudedele, indawo ebelikubambe kuyona ingahlala ibuhlungu kuphele amahora noma izinsuku.

Amajaqamba akuyona into egcina idinga udokotela, kodwa kumele usheshe ufune usizo lwezokwelashwa uma:

- eba buhlungu kakhulu kunokwejwayelekile,
- uba nokuvuvukala lapho ebekubambe khona,
- uma esenza inyama ibe ndikindiki,
- uma esebuya njalo futhi engabi ngcono uma uzelapha.

 Adalwa yini?

Ijaqamba lingakubamba uma usuyikhandle kakhulu imasela, walahlekelwa ngamanzi amaningi emzimbeni ngenxa yokujuluka noma ukuma endaweni eyodwa isikhathi eside. Nakuba kunjalo, esikhathini esiningi kayaziwa imbangela yalo.

Amajaqamba yinto engenabungozi, kodwa kokunye angakhomba inkinga edinga usizo lwezempilo:

- njengokungahambi ngedlela kwegazi. Ukuzaca kwemithambo ehambisa igazi emilenzeni kungadala amajaqamba;
- Njengokuphazamiseka kwama-nerve (izinzwa) emgogodleni. Lokhu kungadala ubuhlungu bamajaqamba emlenzeni, obuqina kakhulu uma uhamba;
- Njengokushoda kwemisoco i-potassium, i-calcium ne-magnesium egazini. Imishanguzo yomfutho ophezulu wegazi ingenza ukuthi umuntu achame kakhulu, okungagcina kwenza umzimba ulahlekelwe yile misoco.

Image

Ukujuluka kakhulu nakho kubalwa njengembangela yamajaqamba.


Izinto ezingandisa amathuba okubanjwa yijaqamba:
- Iminyaka yobudala. Uma umuntu ekhula, izinyama ziyancipha, okwenza zingasakwazi ukusebenza kanzima, zikhandleke kalula.
- Ukujuluka kakhulu
- Izifo ezifana noshukela noma ezithinta ama-nerves, isibindi negilo;
- Uma ukhulelwe
- Ukukhuluphala ngokweqile.

 Ongakwenza:

Image

Phuza amanzi anele: Ongoti bagqugquzela abantu ukuba baphuze amanzi anele nsuku zonke, ngoba amamasela ayawadinga ukuze asebenze ngendlela efanele. Amanzi kumele uwaphuze kakhulu uma uzivocavoca noma wenza into enyakazisa umzimba, uqhubeke uwaphuze ngisho usuqedile.

Entweni ewuketshezi oyiphuzayo uma uzivocavoca, gwema ukuthi kube ne-caffeine noma utshwala.


Jwayela ukwelula (streching) amamasela:
Ngaphambi kokuzivocavoca, kubalulekile ukuqala ngokwelula amamasela, uphinde uwelule noma usuqedile. Ukugwema ukubanjwa ngamajaqamba ebusuku. Ungaqala ngokuzekula ngaphambi kokuba ulale.

0