11 | Ezikaqedisizungu

 Friday, 21 August 2026

 HHOLA MNTWANA!

Ngiyawuthanda loshuni okhuphuka ngawo...

Image

Ngaze ngawuthanda loshuni okhuphuka ngawo lavi. Uyazi le combo yekhekhe nobuhle ngiyayithanda. Engingakwenza wukusondela nesipuni ngikufunze. Ukube ngiyigagu ngabe ngikuculela uHappy Besday, manje ngiyidliwa.

Image

Kodwa lokho kumamatheka kwangeza ngafisa ukudayisa isikorokoro sami, ukuze ngihlanganise imali yokukukhipha ngikujikise ezindaweni zekhethelo, sidle izidlo ezinamagama angabizeki.

Image

Bengicela ukuthi noma kuwusuku lwakho lokuzalwa, ungivumele kube yimina okucishela amakhandlela. Ngifuna ukwenza lokhu okuthiwa, make a wish, phecelezi ngoba sengiyasazi isifiso engizosenza.

Image

Le ntokazi nguTiisetso Moncho iyilungu leqembu iTango Supreme. 

0