Ezikaqedisizungu | 11
Friday, 02 MayΒ 2025
Phakade lami...
Ngithi kuwe wink π wink π...
Ngavele ngazibonela iphakade lami. Ntombi angiganiwe mina, sekuthi angikubhalele incwadi ngiyifake eposini, ngibone ukuthi uzongiphendula yini. Mntanomuntu anginawo amaningi ngithi nje kuwe wink π winkπ...
Zwane, Mangethe qoma ntombi nakhu ngishiswa wuthando....
Lo phumalanga sikothe nguLungelihle Zwane odume ngelika-Uncle Waffles endimeni kaqedisizungu. Mangethe, Wena owadlela emkhombeni wezinyamazane, mina ungangiculela ubusuku nemini. Ukuzwa lelo phimbo lakho elimtoti kungangishiya ngiyisibhuklabhukla.