11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 15 May 2026
Wena ufanelwe wukuba ngumakoti waseKhezetheni...
Sugar and spice ngisho ungathi angihambe nombhobho ngimemeze, ngitshele umhlaba ukuthi ngizizwa kanjani ngawe, ngeke nginqabe. Nkosazane isalukazi esingizalayo sidinga umalokazane esizoncokola naye.
Lo muntu omuhle uzibiza ngoBucie Palesa ezinkundleni zokuxhumana. Yinkosazane ekuvela ukuthi ingeyaseMalahleni, eMpumalanga. Iyimodeli, kanti futhi ikhangisela izitolo imikhiqizo ezinkundleni zokuxhumana.
Weh Bucie iMpumalanga angiyijwayele kodwa ngizoyiguduza ngize ngikuthole. Phela wena ufanelwe ukuba ngumakoti waseKhezetheni. Ngithi nana ngilinde ngoba ngisendleleni, ngizolanda wena.