11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 31 October 2025
Mina ngiyazithandela izinto ezinhle nabantu abahle. Nkosazane uyabonakala ukuthi usoShabeni, awuna-stress futhi awusidingi. Ngiphe ithuba nana lokuthi ngikugcobe
o-oyela abano-SPF nton nton, ukuze ungashishwa yilanga. Eyi kuyazalwa kweminye imizi.
Namhlanje sithi hhola mntwana kwisipatsha esizalwa eThekwini, uCindy Makhathini. Uyimodeli,
yi-social media influencer nosomabhizinisi.
Njengoba sekuyisizini yobumnandi lokho kusho ukuthi sesiswenka ngezinto zokubhukuda ngoba kubhizi dali. Ngiyaziqokela wena uzoba u-plus 1 wami. Umuhle wena, wakhiwe kahle ushoda ngami.
Sonkophe, wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo, ku-late manje asingabe sisacucuza. Ngithi mina uyangifaka noma uyangikhipha?