11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 24 October 2025

Image

 HHOLA MNTWANA!

Ngicela ube iMermaid yami 💓💓

Ubuhle emntwaneni! Nkosazana nangakithi zikhona iziziba namadamu bo lapho singacwilisa khona obhozo, simuncisane nesiqeda.  Angikwazi nokubhukuda bhebi kodwa sengingagwiliza ziya khona. Esengikuhalela ukuzobhunyelwa nguwena nobuhle ngamanzi. 

Image

Kwathi angithi dudlu bhebi! Woh hhe! kudela owaziyo ukuthi sikuphi sona lesi siziba ngizozifikela qathatha. Lo nobuhle nguTshupi Ramelz kodwa udume ngeleBlack Mermaid. Ngu-DJ lo obuye abe yi-voice over artist nemodeli kanti uyintokazi eyaziwayo kwabazivocavocayo. Uyinxusa lakwaPlanet Fitness.

Image

Ngizama ukuhlanganisa nenkondlo ngembali esezimbalini. Noma ngabe sihleli ezimbalini noma sicwile emanzini, uma nginawe ngiphelele. 

Image

Njengoba bekubiza ngeBlack Mermaid, nami ngiyayidinga inkosazane yamanzi ezongiduduza. Indlela ongibuka ngayo ivele ingenze ngichachambe. Ngiyakuqhaksta ungowami. 

0