Ezikaqedisizungu | 11

Friday, 04 July 2025

Nkosazane sale usunginika i-location πŸ“ kukhona engizokuhlebela kona...

Hhola Mntwana!


πŸ’˜πŸ’˜πŸ’˜ Kudela lelo hhashi...πŸ’˜πŸ’˜πŸ’˜
Image

Kuthiwa ukuvaleka komnyango wukuvuleka komunye. Kwathi angiqhoshele i-ex yami, ngiyibonge ngokunginika ithuba lokubona abangcono. Bengithi angilubhadiΒ  kwimpelasonto enkulu yeHollywoodbets Durban July, kodwa ukubona wena mntomuhle eduze kwalelo hhashi sekuvele kwangikhuthaza. Hheyi! amathangaΒ  ahlanzela abangenamabhodwe. Kudela lelo hhashi elithola umzuzu nawe ngelosi.

Image

Le nkanyezi ngu-Eva Modika ike yaba ngumsakazi kwiSedibeng FM ngo-2013, idume kakhulu iba nemicimbi eheha abantu ezindaweni zobumnandi. Iyalandelwa nasezinkundleni zokuxhumana. Ingumdidiyeli weDiamond and Dolls eke yatshengiswa kwiShomax eyikhiqize
ngo-2022. Ingu-DJ kanti inenkampani yeziphaqulo iPretty Much Beauty SA.

Image

Ntombi sale usunginika imininingwane yakho noma wenze lokhu okuthiwa drop the location noma i-pinπŸ“. Sengigijime sekuqaqamba imisipha ngibheka
lelo hhashi nalolu lwandle ukuze ngibone wena.Β 

0