Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 16 May 2025
IMPELA ukudunusa kune-expiry date, tshelani mina ngitshele abanye ukuthi washonaphi uZodwa Wabantu neSavanah yakhe?
He...he..he phela leya ntokazi yayifana novemvane, itholakala yonke indawo. Sekungathi ayikaze ibe khona eKZN, eYadini kwakwaziwa yona, kahle-hle iTheku lonke kwakungelikaZodwa Wabantu.
Siyakukhumbula ntokazi, uMzala ubhorekile ngokunyamalala kwakho.
AKOBE bayabuka laba abathanda ukupepereza ngamagama abantu ku-social media ukuthi kuyaboshwana manje.
Bheka nje uMac G, wePodcast and Chill ukuthi wazenzela udumo olungakanani ngemuva kokugcona uMinnie Dlamini, manje isikhuni sibuya nomkhwezeli.
Asethembe-ke omaqinase abafana nawe bazofunda njengoba uMinnie ethi ukuthathela izinyathelo zomthetho manje.
UMZALA ulindele umshado wonyaka laphaya kusaziwayo ongu-Anele Mdoda.
Selokhu ngazalwa ubaba nomama, ngiyaqala ngqa ukuzwa ukuthi kuba nomcimbi wokwethulwa kwezimpelesi. Hhayi bo niyawazi ama-levels?!
Hhayi usuku nosuku silokhu sithe, 'Wow'. Impela siphelezele nina Anele, kodwa-ke okubuhlungu kunakho konke wukuthi uMzala akakasitholi isimemo salo mshado.
Oseduze no-Anele amkhumbuze bo!
AMAQABANE kaTambo azokumangaza, iMeya yaseMooi River uNkk TM Magubane ukutshengisile ukuthi ungumuntu ongakufanele ukusebenzela umphakathi.
Isibindi sokuthi abantu ngeke bahole ngoba nakhu bekumpimpile ukuthi uthi, abavotele i-ANC ukuze bahole!
Hhayi cha bandla lezi zikhundla zenu zinenza nicabange ukuthi anithinteki. UMzala usefisa ukubona iqembu lakho likuqondisa ubugwegwe, lingadudwa ukuthi sithule....siyabona futhi sinibhekile.