Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 09 May 2025
Yehlisa impakamo Scotts Maphuma, kusemhlabeni la
IYADABUKISA indlela osaziwayo abaziphatha ngayo uma sebesesicongweni. Bheka nje lo mculi wamapiyano uScotts Maphuma, impakamo yakhe isimbeke kuphi.
Zolo lokhu ubephaphela abalandeli, ethi akafuni ukushutha nabo futhi akabekwanga yibona phezulu. Hhayi ndoda, kuyokusiza ukwehlela ngezansi, akuyona indlela yokuziphatha lena.
Usemusha emculweni ukuthi sewungaba nempakamo engaka, hlonipha abathandi bomculo wakho ndoda.
Hlukanani noLihana kaTshathugodo!
YEYI niyakhuluma ezinkundleni zokuxhumana, angikhathali noma ningathini!
Hhawu seningaze nigxeke uRihanna ngokukhulelwa iminyaka ilandelana? Hhayi, nina phela senadlula, seningakhulumela umuntu onezindodla zemali, inkinsela
yase-U.S lena.
Ngibazwile abanye bemjaja ngokuthi akashadile kodwa uqhulula izingane. Hhayi kungathi kwanikwa abantu abangalungile
i-internet. Angithi ukube akanangane, bekuzosho nina ukuthi liyashona ilanga.
Sondelani uMzala aniphe isiyalo...
Phumani ezindabeni zabantu!
Bewungeke ulunge kwiMet Gala
ANGAZI noma uMzala uzwe kahle yini noma weqiwe yisiNgisi ngesikhathi le nkabi enguSjava ithi nakanjani ngonyaka ozayo iya kwiMet Gala ebanjelwa eNew York, phesheya kwezilwandle.
Ukuhamba nje emagameni ale nkabi ithe: "Next year ngiyobagqilaza ngengezo kabi".
He...he...he wemfo kaHadebe, ucabanga ukuthi kugqokwa uBrentwood ne-Omega yini laphaya? Uthi uwubone kahle ukuthi ukotini udliwa kanjani?
Lalela, uma ufuna ukuya kwiMet Gala, cela uMzala akuxhumanise nomsiki wengqephu ohamba phambili kwazise phela ubazi bonke laba abasuke bedla ukotini koDurban July.
Into engibona engathi ibizokuchushisa laphayana, ileliya jazi lakho elihusha phansi elibovu, phela ubuye uboniswe kancane kukotini.