10 |  Ezikaqedisizungu

Friday, 21 August 2026

 Woza Nazo Mzala!

Image
Image
 OkukaMayoghurt okwezandla...

 KUSAMELE uMzala afundise uMayoghurt ukuthi kugqokwa umbala onjani uma kuyiwa enkonzweni yomngcwabo.

Uphoxekile uMzala ebona uMayoghurt nesudi eluhlaza emngcwabeni weNkosi Yamagcokama, eMsinga ngempelasonto edlule.

Awazi yini weMayoghurt ukuthi kugqokwa umbala ozothile emngcwabeni?

Kuyomele ufunde kozakwenu uMenzi, uLimit noSminofu, abebegqoke kahle amasudi amnyama okuwuphawu lokuzila nokuqonda ukuthi siyini isifo.

Wona-ke uthayi obuzinkinye ngawo, ngubani okubophile ngempela weMayoghurt? Phela cishe wafela eduze kukaLvovo obuhlezi eduze kwakhe. Bekubonakala ukuthi uyakuklinya lo thayi wakho, awusakwazi nokuphefumula.


Image
Uyisiphoxi sokuzalwa uNgizwe...

 UYISIPHOXI kodwa weNgizwe Mchunu. Ukuthathaphi ukuthi iNkosi Yamagcokama yayibukela kuMthandeni "iGcokama" Elisha, emculweni nakwingezo.

Umangaze uMzala emngcwabeni weNkosi Yamagcokama eMsinga ngoMgqibelo odlule, usukhangisa umngani wakho, iGcokama Elisha, ulifaka nalapho lingangeni khona.

Niyathanda weNgizwe ukulwa izimpi zabaculi nalapho kungafanele khona. INkosi Yamagcokama kayikaze isho isaphila ithi yayibukela kwiGcokama Elisha.

Kuyona yonke indawo ebikhuluma kuyona, ibiveza igama likaMroza "Van Damme" Fakude, ukuthi nguyena eyasika kuyena iphethini, yacula noshuni wakhe.

Wena-ke Ngizwe ububona ukuthi igama likaKhuzani lisematheni emngcwabeni, kukhulunywa ngeqhaza lakhe ekuhleleni kwakhe loya mngcwabo, wabe usuzama indlela yokumpintshisa igama leGcokama Elisha kulo mngcwabo.

Ukungazwani kwakho noKhuzani weNgizwe, ungakusebenzisi ezindaweni ezingafanele. Uyisiphoxi Ngizwe, lento yokuxova wazalwa nayo.


Image
Yizithupha ziya egwayini kuNgizwe nendodana yakhe...

 UKHAMBA lufuze imbiza ngempela endodaneni kaNgizwe, uKing Qhuqhasi. 

UMzala uxakekile emngcwabeni weNkosi Yamagcokama ngesikhathi kusukunyiswa abaculi, nendodana kaNgizwe yasukuma nabaculi.

Ithini ingoma yakho weKing Qhuqhasi? Uqale nini ukucula? Cha uyathanda ukubukwa, ufuze uyihlo.

Empeleni kwakhala nyonini emzini wakwaMchunu ngoba phela no-Anti wakho uWelile Mchunu, uxakile naye ngapha.

Sivelelwe abantu bakwaMchunu nokungafuni ukusala ndawo.


Image
Yinhle into eyenziwe nguKhuzani noNtencane...

UMZALA ucela ukuthatha leli thuba abonge uKhuzani noNtencane ngento enhle abayenzile ngokulekelela umndeni wakwaDlamini, weNkosi Yamagcokama.

Laba baculi bahlele umngcwabo osezingeni eliphezulu, lezikhulu zikahulumeni bebambisene nabeMathole Funerals.

Kusukela ngosuku lwesigameko sokulimala kweNkosi Yamagcokama engozini yemoto eRichards Bay, sanibona nisendaweni yesigameko ebusuku.

Ukubambisana endimeni kamaskandi sikubonile, nabaculi bazinikela, bathintitha amaphekethe kwaze kwatholakala umnikelo 
ongango-R230 000.

Niqhubeke njalo ngokubambisana, uMzala uyakuthanda lokho.

Ake nitshele uMzala weKhuzani noNtencane, nginibone senishintsha kabili izimpahla zokugqoka emngcwabeni. Kanti bese nihlinza izinkomo yini mhlawumbe beningcoliswe yigazi?

0