10 | Ezikaqedisiszungu

Friday, 17 July 2026

 Woza Nazo Mzala!

Image

Uyanqena yini Gabhisa ukungena kwezokulingisa?

LIYAMANGALISA ikhono lokulingisa uMzala alibone likhonjiswa nguNgqongqoshe wezeMidlalo namaSiko KwaZulu-Natal, uMnu Mtomuhle Khawula, ehlangene noSimthande "maka-Tha" Myeza, obuye abe ngumsakazi woKhozi FM.

UMzala uyakweluleka ukuthi ulale uphenduke Gabhisa, ubone ukuthi ngeke yini ushiye phansi kwezepolitiki, ugxile ekulingiseni.

Umona phansi kumhlonishwa, uqaqekile, usezintweni ngempela, sengathi nabanye ontabakayikhonjwa bangabukela kuwe. 


Image

Abasondelene ne-president  yama-2k mabayikhuze...

UMzala ucela abasondelene no-president wama-2k, umfana omncane uRelebohile Mofokeng obengumdlali we-Orlando Pirates, ukuba bamkhuze ngamazwi abuhlungu awakhulume ngeKaizer Chiefs, ebidonsa kanzima ngesizini eyedlule.

UMzala uyakuthanda boy, usemncane kulo mkhakha, ikusasa alaziwa, usengabuya kuleli uzobheka ikhaya.

Khuzeka mfana noma ngabe ezakho zishanele kwasani ngesizini edlule, ungalinge ushaye umuntu noma eselele phansi, mhlawumbe ufuna ozokukhumbuza ukuthi Amakhosi awina indebe yeNedbank sekuphele iminyaka eyishumi, futhi namanje leyondebe isajatshulelwa ePhefeni, ngakho bheka amazwi akho boy.


Image

 Cingwane kwangathi ungehlisa enhlambeni...

BAQINISILE abathi ungamkhipha umuntu ehlathini, kodwa ngeke ulikhiphe ihlathi emuntwini. Abantu abafana noNgizwe Mchunu bahlula ngisho sebesolwe ngokuthi banama-million, umuntu usathi uyamjabulela, avele athuke inhlamba.

UMzala kade ekuncoma nje ezinsukwini ngokuthula abantu bekusukela, bethi uphiwe imali, khona lapho usuthuka inhlamba. Sengiyavuma ukuthi bekudlalwa ngawe ngale mali okuthiwa nayithola.


Image

Gxila ekusakazeni Ngobe, uphume kongahlangene nakho...

 ABANGANI bakaKhathide "Tshatha" Ngobe ongumsakazi woKhozi FM, kuzomele bamkhuze ngokulokhu egxambukela ezinkulumweni zabantu beMarch and March.
 
UMzala umazi njengomsakazi uNgobe, kodwa sengathi usesakaza kuze kweqe manje. Kunini nje elokhu elandelana nale nkosi yokudlala, ethi yayifihliwe eSwazini.

UMzala ngeke akufihlele ndoda, gxila kakhulu embhobhweni, wehlise ezimpini ongahlangene nazo, ngaphandle uma ufuna ukutshela uMzala angakwazi ngawe.

0