10  | Ezikaqedisizungu

Friday, 19 December 2025

 Woza Nazo Mzala!

Image

 Iyadingela i-magic yakho kweminye imisakazo...

IMPELA uLinda 'Mr Magic' Sibiya uyinkalakatha, uMzala umzwile njengoba eyisimenywa ohlelweni lukaFelix no Minnie kwiGagasi FM, ukuthi usengabuya ayosijabulisa emoyeni.

Phela lento eyenziwa ozakwenu kwezinye iziteshi esingeke sizibalule yokungabi na-content, abanye bamemeze engathi badayisa emakethe, iyinkinga. Asethembe Mr Magic ukuthi bazokuzwela bakubuyise, phela usayibhungu kabi.

Image

 Umthetho awuyi ngokuthi ungusaziwayo Shebeshxt...

 Lento yenu yokwenza ama-celebrity onkulunkulu basemhlabeni, iyinkinga. Nibakhothamela kuze kweqe, nikhohlwe wukubaqondisa uma bephambuka endleleni.

Bheka nje umculi uShebeshxt waseLimpopo ukuthi bekuhlezi kukhulunywa ngaye ukuthi uyabheda, kodwa abalandeli bakhe bemvuna. Manje ligaya ngomunye umhlathi, imali yonke abezoyenza njengoba kuyi-festive uzoyizwa ngendaba, noKhisimusi uzowudlela ezikhindini.

Asethembe ukuthi nozakwabo abayizindlavini bayabona ukuthi umthetho unengalo ende.,

Image

Kuguga othandayo wena Godide...

  IMPELA kuguga othandayo, uMusa Mbhele oyiCity Manager kuMasipala weTheku, uzibona esayibhungu. UMzala umbone kwiGagasi Beach Fest egqokise okwentwana encane he...he..he hayi izinto ziyenzeka.

Phela wayegqoke iTshirt yeGucci ne-jean, ekhanda wahlikiza izinwele wena owabona ama- 2K. UMzala akakujaji wena Godide, kwazise kuguga othandayo.....wukuthi nje akwejwayelekile ukubona isikhulu esinjengawe sigqoka ngale ndlela.

0