10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 12 December 2025
OSAZIWAYO abasafuni ngempela nezindaba zabo manje, bazifihla ibhadi.
Lento iqale ngoKhaya Mthethwa ovele wavumbuka eseshada noSne Mthethwa! Hhawu ngathi ngisabambe lokho, ngezwa ukuthi umculi uLusanda Beja naye ubeyokhokha ilobolo, uMandla N weBlack Brain Pictures, noKhuzani Mpungose nabo bayathatha. Ngaphezu kwalokho umlingisi uFanele Zulu sibone ngezithombe ukuthi beziwushaya.
Hhayi bandla sebevele bavumbuke sebeshada-ke manje, ezinoMzala zisale zikhexile....phela uma sezeqa thina sekukubi impela.
INDODA ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke, kwazisholo uMandoza osabizelwa eNkosini.
Kuvuka lamagama umangibona uSbu Buthelezi owayesakaza oKhozini FM, esevumbuka nesiteshi somsakazo esiku-online, iVoice of Life Radio.
Le ndoda enethalente eliyisimanga yaxoshwa oKhozini isolwa ngokuqola abantu.
Hhayi-ke uMzala akafuni ukugxila kulokho "phela okudala sekwadlule, bheka sekuvela okusha".
Ehhe wena Mabura, uMzala uzokwenza sure ukuthi uyalulalela uhlelo lwakho oluneNkosi phakathi. Ungapheli amandla Sbuda!
NGUBANI owake wacabanga uMinnie Dlamini edlubhe iphinifa, futhi eswenke ngalo. Cha, impela umuntu uyakhula.
Phela uma usukwazi ukungena ephinifeni uswenke ngalo, kusuke sekuchaza ukungena kwesinye isigaba. Akukho-ke okubi ngokukhula mnta kaDlamini, kuphela nje ubusisekile ngokufika kuleyo minyaka okuyona.
Inkinga inabalandeli benu bosaziwayo abazi ukuthi ukukhula noma ukuba mdala kuyisiqalekiso.
UMzala uchazeke kabi ekubona udlubhe iphinifa, awungihlebele ukuthi bangadinga izinkomo ezingaki kini uma ngicela isihlobo esihle....angithi oshayile akakayosi, oyosile akakayidli kanti oseyidlile udle icala.
IsiZulu asitolikwa, uyazi ukuthi ngisho ukuthini.