10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 21November 2025
KUFUTHA ngempela-ke manje uma uMzala ebona uDkt Musa Mthombeni nenkosikazi yakhe uLiesl Laurie-Mthombeni.
Phela lezi zithandani zilugubha njalo uthando lwazo, muva nje bezigubha izinyanga eziwu-51 zishadile. Njengobani nje?
Phela oMonalisa sebagxeka baze bakhathala ukuthi lezi zithandani njalo zine-celebration ekhona.
Nawu no-2025 uphela nisendawonye bantabami, kanti baningi abaphrofethi bamanga ababethi kuzophela ngani.
Angithi noKhuzani wazisholo kudala ukuthi "umshado awulona ijele".....enjoyani bo darlings.
UMZALA ufisa ukwazi ukuthi uNgizwe Mchunu ugeza ngamuthi muni njengoba inhlanhla izizela nje.
Phela akwandele bani ukuthi indoda yomuzi wayo ivele ithengelwe imoto ebukhosini bakwaZondi.
Cha mina ngiyalivuma iChunu, liyaziswenkela, lihamba ngezimoto ezinhle, lihambela nemcimbi yomntakabani, kahle-hle liyabukisa nje.
Phela kwabanye bethu kuyafutha angithi ngesikhathi kuqala unyaka sasithi, '2025 is my year'.