10  | Ezikaqedisizungu

Friday, 07 November 2025

Indondo yindondo, noma kungathiwa eyamalahle...

Woza Nazo Mzala!


 Lwah, sale sewuvuma ntokazi...
Image

Ngiyazicelela kuLwah Ndlunkulu ukusale esemqoka uSaliwa

ISIQALA ukungikhathaza indaba yomculi kamaskandi uSaliwa nentokazi engumculi, uLwah Ndlunkulu. Hhayi uMzala uyaqala ngqa ukubona intombi ishelwa udede ngale ndlela.

Phela uSaliwa usezidele amathambo ngale ntokazi. Muva nje ucele usizo kuPhakel' Umthakathi, ethi makamkhulumele nale ntokazi.

Lwah, sale sewuvuma ntokazi, insizwa yaseDondotha iyazifela ngawe. Kunini bakithi ikuphosta? Thambisa inhliziyo manje.

Image

Uyakwazi bo ukufihla izindaba weMinnie Ntuli weGagasi FM

UMINNIE Ntuli weGagasi FM, usithathaphi isibindi sokufihla into enhle kangaki, yokuthi useshadile?

Hhawu ntokazi, phela uMzala uyazifela ngosaziwayo nezothando.

Okungiphatha kabi nje yile yokuthi kawuzange ungimeme ngosuku lwakho olukhulu. Cha uyafihla ntombi! Kakusenani-ke, halala...

Image

Ngubani owayecabanga ukuthi uSiya Mhlongo anganukelwa yijele?

IMPELA izinto zimane ukwenzeka, ingalo yomthetho ngiyayesaba! Ngubani owake wacabanga ukuthi uSiya Mhlongo obhekene necala lokushaya owayeyisinqandamathe sakhe, angabhekana nejele.

Masethembe ukuthi izoba yisifundo nakwabanye le nto yokuphakamisa isandla kothandana naye. Kodwa-ke ngoba nguwena msakazi wami omuhle, ngiyazi uzogwetshelwa ngaphandle, phela kuya ngokuthi ungubani futhi uphila nobani eMsawawa.

Image

Ngihalalisela uKhuzani ngendondo yaseMelika!

KONJE sekuyisikhathi sokuphela konyaka, abaculi bakamaskandi bakhipha bekhiphile izingoma, abanye sebeqalile ukufudumeza abalandeli babo, bethi ibhodwe seliyavuthwa, mababe bewasha izitsha.

Kodwa-ke ngithi angibongele le nsizwa yaseMandaba, uKhuzani Mpungose, ngokuhlabana ngendondo emncintiswaneni waseMelika.

Ewu! Seziziningi nazo lezi zindondo, kodwa hhewu aniyeke umona bo. Indondo yindondo, noma kungathiwa eyamalahle, kwazisholo bona abaculi bakamaskandi. Nami ngingumzala ngibiziwe kwelamaJalimane, ngiyoncintisana emunxeni weBest African Humusha. Ningangibuzi ukuthi kuvotwaphi, kanjani.

0