10 | Ezikaqedisizungu  

Friday, 29 August  2025

Woza Nazo Mzala!

UMzala naye ufuna ukuyoba nguMaMgobhozi kweminye imidlalo...

 Weh Cyan, uthi kunjani? Ubungakakhokhelwa...?

Image

 Mhhhh! kungathi kalisadingeki ithalente kwezokulingisa  

KUYACACA umuntu uzibambezele ngokungabi ngumlingisi, akukwazi ukuthi kungaze kuyolingisa uMac G kwiShaka iLembe, uMzala engakaze alunguze kumabonakude.

Hhayi bo, impela izinto zimane ukwenzeka. Angifuni ukuba nomona kodwa ukuphapha kukaMac G impela kumsebenzele ngoba phela akukho abekwenza laphaya, ngaphandle kokumemeza nje.

Mhlawumbe noMzala angahamba ayoba uMaMgobhozi kweminye yemidlalo kamabonakude.

Image

 Yekani ukweluthwa ngama-influencer  

IMPELA eSouth Afrika kukwamazenzele, buka ama-influencer afana noCyan Boujee avele akhangise ngemisebenzi mbumbulu yabesifazane koRussia ajike angenziwa lutho.

UMzala usizwile isixoliso sale ntokazi, kodwa asishayi khona. Lama influncer asebona kungcono ukushushumbisa izingane zamantombazane ezingazi lutho ukuze athole imali. UCyan uze uyasho ukuthi ubengakakhokhelwa ngalesi sikhangiso, nokusho ukuthi into ebibalulekile kuyena imali.

Siyanikhuza maaan.

Image

 Gada okushoyo mfo kaMalema

 EWU itshe ligaya ngomunye umhlathi kuJulius Malema, ubani owake wacabanga ukuthi kukhona inkantolo eyoke ithole lo khandashisa enecala lenkulumo elumelayo?

Phela akekho ongazi ukuthi le nsizwa yaseLimpopo ikhuluma ekuthandayo, kayikhathalele kuthenjwa....kodwa-ke ngebhadi kayibe isabheka noma isinyathela amalungelo abanye abantu.

Kasethembe ukuthi lokhu kuzoba yisifundo kuwena Juju nabanye abavula imbobo yophuthu ngaphandle kokucabanga. Hlonipha abanye abantu ndoda, bese uyazihlonipha nawe okuphimisayo ngoba kuvele kusiqede nya isithunzi sakho kuMzala.

0