10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 01 August  2025

Woza Nazo Mzala!

🤫🤫🤫Pssst...

Image

Ungidumazile kodwa Simphiwe.....

HHAYI bandla! Umuntu ungambuka umethembe, kodwa uma eke wavula umlomo, kuphela konke lokho.

Lo mzwilili onguSimphiwe Dana uziphoxile kuMzala, ezama ukukhuphuka ngoNomzamo Mbatha, umsola ngokuntshontsha izitayela zawo zezinwele.

He...he...he impela izinto zimane ukwenzeka, le ntokazi ithi yiyo eyavusa izitayela ezabe zenziwa wokhokho kudala. Ngihlezi ngizwa kuthiwa abantu baphupha emini, bengingazi ukuthi kanti le nto iyiqiniso.

Wena 'Ndirendi' awuzame ukubuyela e-studio uyoqopha ukuze sikunake.


Image

 Amanga anezinyawo
ezimfushane     weKunene...

BAQINISILE abadala uma bethi amanga anezinyawo ezimfushane. Bheka nje ukuthi uKenny Kunene wazenza isiduphunga, wathi akamazi uKatiso Molefe oboshelwe ukubulala uDJ Sumbody.

Lo sopolitiki waphika walala ngomhlane, wathi wayehambise intatheli eyayiyoxoxa noMolefe. Hhawu kuthe sisabambe lokho, memfu izithombe zakudala ezitshengisa ukuthi uKunene noMolefe bangobhululu bakudala.

Hhayi bandla izinto zimane ukwenzeka.
Buka-ke manje sekuphele iphalishi.


Image

 UMzala ucela ukukugqokisa nsizwa yeseMandaba...

KUNINI  sibuzana sodwa ukuthi kazi iyiphi intokazi ethandana nomculi kamaskandi uKhuzani.

Hhayi nsizwa yaseMandaba, ususikhululile njengoba usukhiphe usuku lodwendwe lwakho.

UMzala ucela ukukusiza, akufunise umsiki wengqephu ohamba phambili, ngoba  imisiko oyigqoka uma usesiteji kayisiphathi kahle siyisizwe.

Ngoba uyayazi inombolo kaMzala kamakhalekhukhwini, mthinte akuhabulise kwezemfashini.

0