10 | Ezikaqedisizungu 

Friday, 18  July  2025

Woza Nazo Mzala!

Image

Ikhona into e-off ngeChunu

HHAYI bo bangani, ake sihlebe.... iChunu liyithathaphi imali? Njengoba litelebhela e-US nje, lifike kanjani anishoni?

Ngithuke ngacishe ngoma ngizithela phezu kweChunu in the streets on New York. Ngivele nganamahloni, ngacasha. Phela liyaphoxa iChunu. Lihlezi likhuluma imfishimfishi nje.

Kodwa babhemu ngiyasho mina, ikhona into e-off ngempilo yeChuni, stru🤞🏾🤞🏾🤞🏾.

Okokuqala nje, sonke siyazi ukuthi alisebenzi, futhi akukho mphanto eliwenzayo, kuphela lizithukela abantu nje, kufuthe kwabanye kube njeyaya. Ngiyadideka ngempela mina ukuthi kanti lenza ngani iChunu? Aningihlebele, ubani lo muntu
oyi-sponsor seChunu? Yena-ke utholani in return - phela emhlabeni there's no free lunch.

Image

 Zoso, phumela obala...

WEZOSO...! Ngicela uphumele obala-ke manje - ithini into yakho?
Nawe nje unesimo esicishe sifane neseChunu. Ninemali engaqondakali ukuthi niyicaphunaphi.

Wena-ke Zoso ungcono ngoba siyakwazi ukuthi ubuye ugqoke lesi skhindi sakho sangaphansi sengwe ne-vest lakhona, bese uyokwenza umsangano we-content kuFacebook. But still, that money oyithola kulowo msangano ngeke yakhe isitezi nazo zonke lezi zinto ozenzayo.

Phumela obala usho nje ukuthi uyithathile le nto engenabungozi, we won't judge you. 

Image

Umthetho wakho Minnie uyibhoklolo!

KANTI uMinnie Ntuli umuntu onjani, aningitshele nina enimazi kangcono! Sengathi u-girl unayo le nto yokuba yibhoklolo. Uhlulwa yini ngempela ukuzehlisa, axolise kuLondy London.

Kwala noma inkampani engadumile, yabameli bakaLondy isithumele incwadi emphoqa ukuba axolise, kodwa lutho. Awukwesabi yini ukuboshwa sisi?

Sengathi unenhliziyo elukhuni satshe! 
Kazi wayithathaphi? 

0