Ezikaqedisizungu | 10

June, 13 June  2025

Image

NguNtando Duma- Rambani nomyeni wakhe u-Unarine Rambani owaziwa ngelika-Una Rams. 

Woza Nazo Mzala! 

Image
Image
Image
Image
Image

Hheyi anengevu amadoda asezinkundleni zokuxhumana!

CHA ngiyawavuma amadoda
akwi-social media, anengevu bandla hhayi okokudlala.

Tshelani mina ngitshele abanye ukuthi yini le enenze nincinzelwe uma nithola ukuthi uDuma Ntando ushade no-Una Rambani?

Ngizwile abanye benu bethi bekungamele ashadwe ngoba usenengane....ngeke ngisalisho negama elilumelayo enilishoyo.

Cha bandla amadoda anamuhla kawasadodisani ngezinto eziya phambili njengoba kwakwenziwa kudala, ahlale esibayeni kubhungwe eziya phambili.

Awanamuhla alibala ukungcofana nabesifazane emafonini, kazi iyozala nkomoni kulesi sizukulwane samanje. Siyakubongela mnta kaDuma, khohlwa omonase basezweni.


Image

NguFifi Cooper 

Image
Image
Image

Senishaya i-content ngisho emathuneni

IMPELA izinto zimane ukwenzeka, uMzala ube nokudideka ebona umculi uFifi Cooper eshuthela ethuneni lomlingisi uPresley Chweneyegae.

Hhayi ntombi ngeke! Ukuthathaphi ukucela ukushuthwa ethuneni lomuntu ngosuku afihlwa ngalo? 

 Sisi awunamahloni, i-content seniyishaya ngisho lapho kungadingekile khona.


Image
Image
Image
Image

Yihholo okuthiwa uSindiso Magaqa ongakwesobunxele wasocongelwa imali yalo,


Kungcono ukuthemba itshe kunamaqabane kaTambo...

UMA kuthiwa ubothemba itshe hhayi umuntu, abadala basuke beqinisile.

Udaba lukaSindiso Magaqa owabulawa, lungitshengisile ukuthi amaqabane kaTambo akusibo abantu bokwethenjwa.

Cha uMzala akanibeki icala phela wumsebenzi wenkantolo lowo, kodwa amagama avelile angishiye ngibambe ongezansi. Kanti imali yanelisa uma sekunjani ngempela?

Hhayi ngigeza izandla okukaPilatu!

0