Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 23 May 2025

Woza Nazo
Mzala
!

Image

Uturuzile bo, kunzima ukusho yindalo noma yiBBL...

SEKUNZIMA ukukholwa umzimba wangampela notoniwe kulezi zikhathi zamanje. UMzala uzwe usaziwayo uDineo Moloisane ezivikela ezinkundleni zokuxhumana ethi, abantu sebajwayela ama-BBL, abasakwazi ukubona umzimba wendalo.

Cha-ke kodwa uMzala akakudleli mona, ume kahle ntombo. Phela nami ngike ngathi ukusola ukuthi ushaye iBBL, ngibona uturuzela okukaSara Baartman ezinkundleni zokuxhumana.

Bayeke bakhulume ntombi yakoMoloisane, phela abantu vele banomona, ungabanaki.

Image

Hlukana nobuthatha Cingwane!

UDABA lwasesikoleni iBizimali lumthintile uMzala, futhi lubuhlungu kodwa indlela okwenze ngayo uNgizwe Mchunu, imphoxile.

INkosi yamaBhinca ibingayile laphaya njengomzali, bekuyindlela yokufuna ukubukwa. Amakhamera abebizwe wubani ukuthi azokuqopha useBizimali?

Izinto ezibucayi ngale ndlela Macingwane kaziyelwa ngobuso, kuhlalwa phansi, kucatshwe indlela eya phambili.

 Hlukana nokuba yithatha nasezintweni ezingadingi ukuphashelwa!!

Image

Usithele ngehlazo Juju emazweni...

AKOBE uJulius Malema ubonile ukuthi ukuziphathisa okomdlwembe akunazithelo ezinhle.

Emhlanganweni uMengameli uMnu Cyril Ramaphosa ubeselokhu emamatheka into engapheli ngesikhathi uMnu uDonald Trump ethi akudlalwe i-video eyenziwa nguMalema ecula ethi, Kill the Boer.

Phela ingane kulula ukuyibekezelela ekhaya nxashana iphuma esandleni, nize nenze amancoko ngayo, kodwa  uma isiphumele ngaphandle inithela ngehlazo kubantu.

Iyona-ke le nto eyenziwe umfo kaMalema kumengameli nezwe laseNingizimu Afrika.

0