Izindaba | 10

Friday, 02 May 2025

Woza Nazo      Mzala!


           01

Wukushima lokhu okwenziwe nguMac G 

Uyisishimane esinguvovo liyakhipha

Image

NGU-Mac G, wohlelo iPodcast And Chill With Mac G, okhulume amazwi anenhlabathi ngoMinnie Dlamini.

ABASONDELENE noMac G, ngicela bamtshele ukuthi uMzala uthe uyisishimane esinguvovo liyakhipha! Ukuthathaphi ukuthi agxibhe uMinnie Dlamini ngoba nakhu kuvele ukuthi usehlukene noDkt Brian Monaisa (abasesithombeni esingezansi).

Image


Ebe engaqali ukusukela ingane yakwaDlamini. Phambilini wathi abesifazane abafana nale ntokazi, ngeke bashade, futhi kabahlali nasebudlelwaneni bezothando. Indlela oyilandela ngayo le ntokazi, kuyacaca ukuthi wake wayishela yangakuqoma, phela zinjalo izishimane, uma zingaqonywanga, zibeka amabala.


Image

NGUMINNIE Dlamini owehliswe isithunzi nguMac G.

Okusho ngesitho sangasese sikaMinnie, kushayisa ngamahloni.  Kuyamangaza ukuthi umdala kangaka, ungasho into ekanje. Khula boy, amadoda awakhulumi njengawe. Kudala abafana nawe sasibabiza ngezidwanyampuphu, uMzala akazi-ke manje sebebizwa ngani.


            02

WeNgizwe wawunyonyoba wenzani ngobumnyama?

Image

NGUNGIZWE Mchunu namakhosikazi akhe uSiphelele Nxumalo okwesobunxele noLindiwe Khuzwayo, uMzala athi akasamboni uMchunu ehamba nawo.

MFO kaMchunu njengoba iNongoma Big Night Music Festival, yayingoMgqibelo ebusuku, ngabe yini le owawusuyikhohliwe njengoba wawusunyonyoba ngobumnyama nje ngeSonto. He..he..he! Kungenzeka yini nje ukuthi iChunu lavuka ngesinqandamathe saseHlalankosi?

Lobola-ke nkabi yami, vele izinkomo ziyinqwaba la kuwe. Ngizwe uthi ufikelwe wumuzwa wokuganwa futhi njengoba ubusemcimbini. Thatha Phakade, inqobo nje uma kukhona ilobolo.

Nakhu uMzala esekhohlwa wukubuza okunye okubalulekile; asekhona nje lawa amanye amakhosikazi? Phela uhlezi ungumahamba yedwa, ngeke usho ukuthi uthathile.


03

Bakwethu! Thengelani uNgobe ijezi elisha!

Image

BAKITHI akekho ongaba wuMsamariya olungileyo, athengele uKhathide 'Tshathugodo' Ngobe ijezi elisha, njengoba kuzodlala iKaizer Chiefs nePirates.

Uma ungenankinga mfokaNgobe, woza la kuMzala akunike o-small abathathu, uzobona nawe wenza njani ngabo. Kodwa-ke ngiyalisola neqembu olesekayo, kungani lingakuthume-leli ijezi elisha ngoba phela uleseka ngisho lehluliwe.

Mfo kaNgobe kangilwi, kodwa-ke nawe uyasibona isimo obhekene naso ukuthi sesidinga noma ngubani ongangenelela.




0