10 I Ezikaqedisizungu 

Friday, 14 November 2025

Woza Nazo Mzala!

Image

NGUNGIZWE Mchunu =

Sengathi sezikhala ngqo ejazini leChunu!


AKOBE lifundile iChunu ukuthi lokhu kuhlupha elihlale lithi masikuhluphe ezinkundleni zokuxhumana, kungaba nomphumela ongemuhle.

Uyosindela elakini mfo kaMacingwane njengoba ijaji likusikazile, lathi xolisa kuNgqongqoshe wakwaCogta esifundazweni, uMfu Thulasizwe Buthelezi, lona ohlale umthuka, umcokofula.

Kumele uzihloniphe ndoda izinkundla zokuxhumana njengoba kuyizona okubonakala sengathi zikugcina usemehlweni abantu, kungenjalo zizokuchitha kwayizona, bese ukhala ngokuthelwa kwenhlabathi ephalishini lakho.

Angithi nguwena ohlale uthi azikhale, zikhala 
kuwe-ke manje mambana!


Image


 NGURACHEL noSiya Kolisi  

Ukuhlukana akusho ukuthi sekumele nibe yinkukhu nempaka

WE bantu baseMsawudeni, ngiyethemba nibonile ukuthi uma senehlukene kwezothando, lokhu kakusho ukuthi bambanani ngezihluthu, nithukane.

Akekho okufanele abe yinja, akekho okufanele abe yimbongolo. USiya noRachel Kolisi bakuveze ngokusobala ukuthi uma sekuniphelele kwezothando, lokho kakusho ukuthi kumele kusokole izingane.

UMzala ufisa nisike iphethini kulezi "zehlukani". Nginibonile niphapha senifaka izithombe zakudala, nithi sebebuyelene. Ewu cha! Bambani amatomu bo! Ezabo siyozizwa ngabo njengasekuqaleni.


Image


 NGUNTANDO Kunene  

Kuyenzeka uzibambezele ngokushada nobambo lomunye umuntu


HE..he..he kodwa niyabona ukuthi kuyenzeka ushade nomuntu kanti akasiye u-soulmate wakho. Phela la ngikhuluma ngoNtando Kunene noKhaya Mthethwa.

Laba bobabili babeshadile kepha behlukana ngo-2019. Hhawu, gwiqiqi sesibona uKhaya eshadelwa, sithe sisabambe lokho habe, nangu uNtando ezoveza umkhaba wakhe omuhle, wokukhulelwa, kanti futhi naye usethathiwe. Angithi niyamuzwa uMzala uyaphi?

Ehhe, ngisho khona impela ukuthi kwesinye isikhathi kuyenzeka uzibambezele, kanti kukhona okuhle obekelwe khona.

Ningathuki, phela uMzala ubuye abe ngumeluleki wezothando.


Image


 NGUWELILE Mchunu

 Ngesabe nokusondela kuWelile Mchunu emfoma mfo...

KANGIVE ngimkhonzile uWelile Mchunu, uyintokazi engichazayo futhi ezikhulumelayo.

UMzala umbone laphaya emcimbini iGcwalisa Picnic, emuhle impela, kepha wesaba phela ukusondela kwazise uMawelewele uyaphoxana.

Kangiyithandanga indlela obukade usubukeka ngayo ebusweni wena Phakade elihle, kangazi noma ubusujuluke kakhulu yini.

Kangisho ukuthi ngithini kodwa-ke, next time uboza kuMzala akuphophothe ngomlotha osezingeni lomntakabani, ungakhokhi ngisho indibilishi ngoba ukukhonzile.

0