10| Ezikaqedisizungu

Friday, 24  October  2025

Woza Nazo Mzala!

Naze nabola webantu be-social media ngezinto enizithumelele oweMetro FM!

Image

NGULERATO Kganyago  

KAHLE kahle niwajwayela kabi ama-celebrity uma sesikhuluma iqiniso. Tshelani uMzala ukuthi nisithathaphi isibindi sokuthumelela uLerato Kganyago weMetro FM, imiyalezo ebole kanje ngasese?

Ngizwile abanye benu sebekhala ngokuthi unonya ngesikhathi ephosta izithombe zabamthumelela imiyalezo eshaqisayo. Okubuhlungu ngabantu besifazane laba abathumelayo.

Cha bandla uMzala kulokhu uhambisana nale ntokazi engumsakazi ngoba niyathanda ukugibela osaziwayo emakhanda. Uma sebephendula, bese imisila ikhwacela.

Masethembe ukuthi lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye benu ngoba i-social media niyisebenzisa budedengu. ULerato unemali yakhe okoMntwana uSmakade kaZwelithini.
Phumani kuyena.


Image

NGUNTSIKI Mazwai

Engabe kwakhala nyonini kuNtsiki Mazwai ngokubhudazela!

UNTSIKI Mazwai uhlezi esematheni ngezinto eziwumsangano, kanti abaseduze kwakhe kabamkhuzi yini?

Muva nje, ushiye iningi likhexile ngesikhathi exoxisana noDJ Sbu kwi-podcast, ethi igazi labesifazane uma besezinsukwini zabo zenyanga, liwumquba.

Hhayi ngeke ntokazi! Ubuye uhhemise okomuntu obhema insangu. UMzala ukukhonzile kepha ubuye umshiye enemibuzo. Le nto othi mayenziwe ingishiye nginyiphile ngempela. Kanti wena uphila kumuphi umhlaba?


Image

NGUKELLY Khumalo

Uqinisile uKelly Khumalo uma ethi akayifuni indoda ewulopholo

Indoda engenamali, izokwenza ungabi namali

UKELLY Khumalo uthi usenele wukuthandana namadoda angenamali.

Ngiyazi-ke iningi lenu lizoncinzeka.  Phela niyithanda kabi le yokuthi kudliwa imali yenu. Kodwa-ke uma senihluza umqondo, nicabanga ukuthi umjolo ungaphumelela kanjani imali ingekho?
Ngeke phela umuntu wesifazane uhlale umgqolozele emehlweni, kumele ayodla iKFC.

Ehhe, uMzala uyanikhulumela nina bomamazi. UKelly uthe: "Kunesidina ukuba sebudlelwaneni nendoda engenambono, engahleli nokuthi iqondephi futhi engenamali.

Indoda engenamali izokwenza ungabi namali, indoda eyephukile, izokwephula."

UMzala uzokupha isiyalo esisodwa mnta kaKhumalo, awuqalaze laphaya kosomathenda abawomaca-phuna kusale, kabeve beyisaphaza imali.
Uzophila butebhu.

Image

NGUMNU Bheki Cele

Ungichazile uMabhiza etshela ongqongqoshe kwezikabhoqo!

NGICHAZEKILE uMnu Bheki Cele etshela ikomidi lasePhalamende - elijutshwe ukuphenya ngokugxa-mbukela kosopolitiki ekusebenzeni kwengalo yomthetho yakuleli - ukuthi uma isizathu sokuhlaka-zwa kwethimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki kuwukumba eqolo kokuba khona kwalo, kungani kungahlakazwa ithimba lonogada abayisipesheli bongqongqoshe.

Uqinisile impela uNdosi ngoba selokhu uMzala adla anhlamvana, akekho ungqongqoshe wakuleli osewake wasikazwa nje ngempama, ingakhulunywa-ke eyokugagaziswa ngezulu lezandla.

0