10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 17 October 2025
Woza Nazo Mzala!
UMbali Mlotshwa uzodla u-life nge-fork and knife
HE...he...he! Bengingazi ukuthi amadoda aseNingizimu Afrika akuzonda kanje ukondla.
Phela indaba kaBlack Coffee no-Enhle Mbali Mlotshwa (osesithombeni esingenhla), inyakazise abaningi, bagcina sebechaza ukuthi ngokwama-Zulu, unkosikazi yilowo othelwe, ngenyongo wagcagca.
Ingixakile eyokubona amadoda elwa kangaka ukuthi sekungamele kulambe izingane kunokuthi akhiphe imali yokondla ezoya kowayengunkosi-kazi.
Njengoba benikhalisa okwama-ambulensi, kuyonisiza ukuthi nifunde ngomthetho ngaphambi kokuba nishadelwe ngoba ukondla anizwani nakho. Asikubongele mnta kaMlotshwa, kwazise usuzophila i-soft life.
Eyokudla amazambane kuka-Gen Sibiya,
kushayisa ngamahloni
LIGAYA ngomunye umhlathi manje kuGeneral Shadrack Sibiya, njengoba esethole ithuba lakhe lokuvela phambi kweKhomishini kaMadlanga.
Phela ubeyindoda yamagama amaningi ngesikhathi ekhuluma kwabezindaba, kube sengathi kunetulo lokumketula esikhundleni.
Kodwa engikubone kulezi zinsuku ephenywa ibheshu ngamalungu ePhalamende, hhayi kushiye uMzala eshaqekile.
Indoda idle amazambane ashisayo, inkwankwaza, inhlanhlatha nje, ingezwakali ukuthi ithini.
Hhayi, kangifuni kuthiwe uMzala usekugwebile. Kodwa ukwehluleka wukuphendula okubuzwayo, kungishiye nginemibuzo ngawe ndoda yamadoda.
Sizodlula sibone izihlobo zethu eMelika
ENYE inkeshemba yake yathi ingqumuza noMzala, ngayizwa isithi, "isitha sami esiyisitha sesitha sami, singumngani wami".
Impi yeNigeria noMsawudeni ibishube kakhulu njengoba bebeseqoqweni elilodwa emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Kodwa-ke ngithi angibambe ithambo nje 'koSibari' ngokusichuthela iBenin, ebisihlalise lubhojozi.
Phela ngonyaka ozayo siyiBafana Bafana silibangisa kwelaseMelika. UMzala kumele asheshe abeke amasenti ukuze ezohamba kusenesikhathi, aqale ngokuvakashela izihlobo (abalimi) zethu eziwu-49, lezi ezabaleka kuleli ngenxa "yokubulawa".
Siyeza singoMzala, sizoniphathela iVoroso nenyama yenhloko.