Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 27 June 2025

Woza Nazo Mzala!

Image

NGUKING Mswati III noNomcebo Zuma, oyindodakazi kaMsholozi.

Ngiyakuqala okwenziwe yingane kaMsholozi!

NGAZE ngashaqeka! Wenzani ngempela weNomcebo Zuma?
Ungenwe yini kahle hle mnta kaMsholozi? Ungathi kade untanta emafutheni kaKing Mswati III, bese uvele uyabaleka?

Kwenzenjani kuwe awungitshele kahle, mhlambe ngizokusiza. Phela i-soft life ibuzwa kuwe, uyidla nge-teaspoon - angikwazi-ke ukuthi uxakwe yini?

Mntase, buyela kwi-palace yakho bandla, please. Focus... Yidla i-soft life, uyeke ukuzixaka ngezinye izinto eziseceleni.

Image

NGUNOMCEBO oyindodakazi kaMnu Jacob Zuma, okubikwa ukuthi usewulaxazile umendo, wabaleka ekhala ngokunyama-lala izinyanga engekho eduze kwakhe, uKing Mswati III.


Uza nenye imfashini
uNduduzo Makhathini

AVE ngikuthanda weNduduzo Makhathini (osesithombeni esingezansi).

Ungumuntu o-right, futhi kawupaqile njengontaba kayikhonjwa engingeke ngibasho ngamagama, abazitshela ukuthi bayilento ephezulu ekhekheni.

Futhi-ke ufundile, kodwa still awuphakeme. Kodwa nje kunento engididayo ngawe - i-fashion yakho. Cha uze nenye...

Ngifisa uke ungichazele kahle ukuthi hlobo luni lwezingubo lolu olugqokayo ngoba ziyangidida mina.

Ngike ngakubona ushaye elinye ibhulukwe elisaphalaza, khona lapho elibuye libe sasiketi, ngavele ngadideka ngaphela.

Ngidinga ukuthi sibonane mina nawe, sixoxe kabanzi ngale fashion yakho ukuthi iqhamukaphi.


Waze wabanda umcimbi kaNgizwe neGcokama!

KODWA wabanjani lo nontandakubukwa onguNgizwe (osesithombeni esingenhla)!

Uzokubulala umona wemuntu kaThixo. Benenzani ngempela laphaya eQhudeni, eNquthu nomngani wakho uMthandeni Manqele (osesithombeni esingenzansi)?
Lo mcimbi wenu wengoma is not make sure.

Ngizokutshela-ke mina ngoba angikwesabi. Lo mcimbi wenu ububanda qa... Angikaze ngiwubone umcimbi obhora kanje!

Abantu bebebukeka bekhungathekile, abanye kungathi banethwe yimvula - bekungekho ntokozo nje.

Nenzani ngempela Ngizwe! Umthetho wakho unomona wokuthi uMcineka ubenze indumezulu yomcimbi weNgoma eThekwini, nawe noMthandeni nase nibona ukuthi nenze lesi sitokofela senu. Ngiyanikhuza njalo ngithi yekani umona.


0