10 l Ezikaqedisizungu
Friday, 11 July 2025
Bengimthanda uFelix ongusomahlaya, kodwa sengimbuka ngenye indlela...
NGUFELIX Hlophe nomkakhe uTracy Smith-Hlophe.
USETHULE kwaze kwenela uMzala ngalolu hlelo lalo somahlaya waseThekwini, ophinde abe ngumsakazi weGagasi, uFelix Hlophe.
Angifuni ukungasho, lo somahlaya bengizifela ngaye, futhi ngiwathanda namahlaya akhe ngaphambi kokuba ngimbone kahle kulolu hlelo oluveze olunye uhlangothi ngaye. UMzala usembuka ngenye indlela manje.
Ngaze ngamdabukela umkakhe, kodwa-ke angijaji muntu, uthando wuthando. Isexwayiso sikaMzala kuFelix, ngiyacela ingabuyi isizini yesibili yalolu hlelo ngoba sibaningi sinengekile ngawe nangalolu hlelo nje jikelele. Kodwa nawe Tracy!
Ngiyema lapho.
NGUSWEET Guluva no-Ashley Ogle.
Yehlisa kancane isikhwele Sweet Guluva, akekho ogaqele umuntu wakho
NGELEDLULE uMzala ubeyisicukuthwane emcimbini wamahhashi weHollywoodbets Durban July. Lo mcimbi ubusezingeni ngempela, singosaziwayo besiphume ngobuningi bethu.
Ngithe ngizidansela kwelinye lamatende kulo mcimbi, ngazithela ku-Ashley Ogle, lo wodumo lweBig Brother Mzansi. Sajabulelana nale ntokazi okuthe sisazixoxela kamnandi, kwaqhamuka isoka layo uSweet Guluva.
Ngivele ngadumala ngisathi ngiyambingelela wamane wadonsa u-Ashley, wahamba naye sisaxoxa. Guluva kanti unjani ngempela?
Bengingazi ukuthi unesikhwele kanje. Bekunani ukumcela uxolo umuntu wakho kunokuthi umthathe esakhuluma noMzala?
Bengikukhonzile kodwa manje sengiqala ukukubuka ngenye indlela. Next time, ungabohamba no-Ashley emphakathini uma uzoba nesikhwele uma ekhuluma nabantu. Okokuqala nje, ngisenenkinga nale sudi yakho e-pink obuyigqokile, kodwa-ke angikho lapho. Hi Ashley!
Wayenza-ke indaba uMkhwanazi! Asisayenzanga i-fashion police yeDBN July yila mabhomu akhe
NGU-LT-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
NGISEKUWONA lo mcimbi, kwaze kwabuhlungu okwenziwe nguKhomishana wamaPhoyisa waseKZN, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi eqhulula amabhomu ngeSonto, ngosuku obekumele ngabe izwe likhuluma ngonontandakubukwa abagile izimanga kulo mcimbi.
Shame, ngiyacabanga ukuthi uSomizi Mhlongo ubezitshela ukuthi kuzokhulunywa ngaye isonto lonke ngengqephu yakhe abeyishintsha kulo mcimbi. Kuthe abantu besaqala bekhuluma ngemigilingwane yeHollywoodbets Durban July, waqhamuka umfo kaMkhwanazi, waqhulula amabhomu sakhohlwa nokuthi bekunalo mcimbi.
Kodwa Mkhwanazi ubungeke usalinda noma oSomizi nethimba lakhe lokubukwa ba-trende noma usuku olulodwa nje. Ngiyacabanga ukuthi bonke onontandakubukwa abebezimisele kukhulunywe ngabo kuleli sonto bamthukuthelele uMkhwanazi.
Anyway asikhohlwe yiHDJ noSomizi nemisiko yabo sesiyoyibona ngonyaka ozayo, okwamanje sifuna ukwazi ukuthi kuzokwenzekani ngala mabhomu aqhunyiswe nguMkhwanazi ngeSonto.
YIJAJI uSelby Mbenenge.
Makayokhulisa abazukulu uJaji Mbenenge
UMZALA akasiyena umehluleli, kodwa ngokubona kwami, noma uJaji Selby Mbenenge angaphuma phambili esigcawini somthetho sokulalelwa kwezinsolo asolwa ngazo zokunukubeza ngokocansi, ngeke esakwazi ukuba yijaji elihloniphekile phambi kwabantu.
Kuyashaqisa okuvelayo kulesi sigcawu, futhi kwehlisa nesithunzi sakhe njengowesilisa oshadelwe, ukuthi angaba nezingxoxo zalolu hlobo nomunye wesifazane asebenza naye.
Ngikhule ngezikhathi zami umuntu oyijaji ehloniphekile, futhi nasemphakathini eziphathisa okomuntu oqotho.
Angisho ukuthi ngiyamehlulela, kodwa ngemuva kwalesi sigcawu, kuyoba kuhle athathe umhlala phansi, ayokhulisa abazukulu.
Ave ecula kamnandi nomndeni wakhe uJaji Mbenenge.