Izindaba | 10

Friday, 06 June 2025

Image

NGUKHANYI Mbau okhonze ukuzishintsha umzimba. Esithombeni esingezansi, ungafunga ukuthi uyinhlotshana.

Woza Nazo Mzala!

HHAYI ngiyamvuma uKhanyi Mbau!
Impela uyakwazi ukukhenikha umzimba wakhe. Angiyazi le nto engiyibone kulezi zinsuku, umuntu abe muhle sengathi akanyatheli phansi.

Kodwa ngiyazibuza Khanyisile mntanami ukuthi uzokwazi yini ukumelana nezindleko zalobu buhle bakho, kwazise kumele buvuselelwe?

Akusikho ukuthi nginomona, phela uMzala akalazi iphakethe lakho ukuthi libanzi kangakanani. Kodwa-ke awungihlebele, kukhona kodwa okusawumampela lapho ebusweni bakho noma sewushintshe zothi?

Image

Iyapheka iyathulula inhlangano kaNxamalala!

CHA uMzala uyasivuma isitshulu esiphekwa laphaya kuMkhonto weSizwe Party. Kuyaphekwa kuyathululwa, kodwa lutho ukuvuthwa.

Selokhu kwathi nhlo, leli qembu laziwa ngokupheka nokuthulula akukho okunye. Le nto ingenza
ngicabange umholi walo, ubaba uJacob Zuma, (osesithombeni esingenzansi).

Image

UNxamalala ngesikhathi esangumengameli ....he...he..he ngoba kwake kwanzima ezweni. Wawulala wazi kuyilo ngqongqoshe, uvuke esexoshiwe, sekufakwe omunye.

Hhayi uMzala uzolokhu epopolile nje. Kuwena mfo kaShivhambu, akulahlwa mbeleko ngakufelwa, uzoba-right, kwazise phela nenkece isangena ebhange.


Isizoba yini nje iReal Housewives of DBN?

Phela intokazi enguNonku Williams ibiyishukumisa inkundla. Bekushunqa manje, kusuke umsindo. Asazi-ke njengoba ingeke isaba yingxenye yohlelo...


KODWA izoba yini iThe Real Housewives of Durban engasekho uNonku Williams (osezithombeni ezingenzansi) ne-drama yakhe? Kodwa-ke mhlawumbe nabanye bazoke bathole ithuba lokuphefumula, bakhazimule.

Image

Ebhala ekhasini lakhe le-I nstagram uNonku uthe: "Mangizibuka kumabonakude bengibona omunye umuntu engingamazi, okunzima nokumamukela.

"Lona wesifazane akusiyena enimaziyo, noma engimhloniphayo."

Hhayi ntombi hamba uyophumula ngempela, ububonda kuloluya hlelo.

Image
0