09 | Izindaba

Friday, 24 July 2026

Image

Inhloso yomcimbi wukukhuthaza inhlanzeko entsheni.

Zizodlana imilala ngengezo izikole zaKwaNongoma

Nhlanhla Hudla

KUZODELA uMakhasana ngoMgqibelo KwaNongoma, kuqhudelana abafundi bezikole ezahlukene ngengezo.

Lo mqhudelwano uzobe wenzeka okwesibili, njengoba waqala ngonyaka owedlule. Lapha abafundi basuke beqhudelana ngenhlanzeko.

Baba ngamaqoqo ahlukene, bangenele umncintiswano wengezo, okuwumqhudelwano wezikole ohambisana nenhlanzeko.

Ngokuthola kwaleli phephanda ngomsunguli walo mcimbi, uMnu Nqubeko Ndlela, uthi bakwenza lokhu ngoba befuna ukukhuthaza intsha ngokubaluleka kokuzithanda nokuhlanzeka.

Uthi lokhu kuyabasiza kakhulu abafundi ukuthi kube khona abakwenzayo.

Lo mcimbi kulindeleke ukuthi ube seMulti-Purpose Hall, KwaNongoma kusasa ngoMgqibelo ngo-10h00

Image

UNdlela uthi: "Wonke amalungiselo ahamba kahle. Silindele izikole ukuba zifike ngobuningi, ngoba inhloso yethu wukusiza abantwana ukuba kube khona abakwenzayo, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.

"Akugcini nje ngokuthi kube wumqhudelwano kuphela, kodwa abanqobile bathola umklomele wokubakhuthaza ukuthi baphinde babuye nangokuzayo.

"Sithemba ukuthi sizokwenza kangcono kakhulu kunakuqala, kwazise wunyaka wethu wesibili lona senza lo mcimbi.

Abazophuma phambili bazohlabana  ngo-R5 000

"Abazophuma phambili bazogoduka nemali
ewu-R5 000, bese kuthi abaphume isibili kube wu-R2 000, kuthi isithathu bathole u-R1 000, okuyinto esikholwa wukuthi izobakhuthaza kakhulu abantwana.

"Ezokuphepha zizobe ziqinisiwe ngoba sihlose ukuba siwukhulise lo mqhudelwano uze ube kwelinye izinga," esho.

Umcimbi walolu hlobo sekuyinto esegudwini ebantwaneni besikole ezindaweni ezahlukene, kubalwa ngisho eThekwini, okuyilapho lo mcimbi waqala khona.

Ukudlondlobala kwawo kwenza abantu abaningi bawuthokozele.

0