09 | Izindaba
Friday, 16 October 2026
Lesi sikole sinomlando weminyaka ewu-10 senza kahle...
Zivakashelwe ngumkhuzi woJele kuzwelonke, wazifisela ukubhala okuhle...
Yingxenye yeziboshwa ebezibhala iphepha lazo lokuqala lakwa-matric ngoLwesine.
Thandoluhle Ngubo
ZILULEKE intsha ngokubaluleka kokulalela iziyalo zabazali nokuzihlonipha iziboshwa zasejele
lase-Westville, ezingabafundi besikole sakuleli jele, i-Usethubeni Youth School, ebezizobhala iphepha lazo lika-matric lokuqala, ngoLwesine.
Lezi ziboshwa bezikhuluma naleli phephandaba ngesikhathi uMkhuzi woJele kuzwelonke, uKhomishana uMakgothi Samuel Thobakgale, ehambele kulesi sikole ukuyofisela laba bafundi ukubhala okuhle.
NGUMKHUZI woJele kuzwelonke, uKhomishana Makgothi Samuel Thobakgale, efisela ukubhala okuhle iziboshwa zesejele laseWestville.
Kulo nyaka, lesi sikole esinomlando wokwenza kahle kule minyaka ewu-10 eyedlule, sinabafundi abawu-28.
Umfundi uBandile Ndlela (23), odonsa isigwebo secala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe asithola
ngo-2023, uthi ukuba sejele kumfundise lukhulu. Uthi isigwebo sakhe sizophela ngo-2028. Uthi unethemba lokuthi uzokwenza kahle kakhulu kulezi zivivinyo, ukuze afeze iphupho lakhe.
"Ukuthola ithuba lokubhala izifundo zami
zakwa-matric kufana nokuthola ithuba lesibili empilweni. Engingakusho wukuthi konke manje kusele kithi njengabafundi. Othisha bethu benze konke okusemandleni ukusifundisa.
"Nginethemba lokuthi ngizokwenza kahle ukuze ngiqhube izifundo zami, ngibe nguthisha wezibalo nesilungu. Sengisifakile isicelo sokufunda esikhungweni semfundo ephakeme. Kubalulekile ukuthi ngigqugquzele intsha engaphandle nengakangeni ejele ngokubaluleka kokulalela nokuhlonipha iziyalo zabazali, thina silapha nje ngoba kasizilalelanga," esho.
Omunye umfundi uLethukuthula Ngwenya (26), ongowukudabuka eNanda, oboshwelwe icala lokubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe naye uthi ukulungele ukubhala izivivinyo zakhe. Uthi uma ephumelela uzoqhuba imfundo yakhe, enze izifundo zomthetho njengoba iphupho lakhe kuwukuba ngummeli.
UThobakgale uthi balindele lukhulu ku-matric wakulo nyaka.
"Kule minyaka eyedlule izikole ezingaphansi komnyango bezilokhu zenza kahle. Nakulonyaka nginethemba elikhulu lokuthi zizoqhubeka nokwenza kahle.
"Sifisela bonke abafundi bethu ukubhala okuhle. Siyababonga futhi ngokusebenzisa leli thuba. Lapha e-Usethubeni, besinabafundi abawu-27 kuqala unyaka kodwa kwafika omunye obefunda kwesinye sezikole ezingaphansi kwesiFunda saseMlazi, oboshwe enza u-matric, wafike waqhubeka nokufunda njengoba esezobhala," esho.