09 | Izindaba
Friday, 22 August 2025
Abantu abaningi bachitha uhhafu
womholo bekhokhela izikweletu
Bheki Ndlovana
IZINGA lokwenyuka komholo wezisebenzi kubikwa ukuthi liphansi kunezinga okukhula ngalo izindleko zokuphila ebantwini.
Lokhu kuvezwe wumbiko wenkomba yezikweletu (Debt Index), wekota yesibili yonyaka ka-2025, oshicilelwe yiDebtBusters muva nje.
Kulo mbiko iDebtBusters ithi abathengi abaningi baphephela ekubolekeni imali ukuze bakwazi ukubhekana nezindleko zokuphila eziphezulu. Ngeshwa imali abayibolekayo ihambisana nenhlawulo ephezulu.
UMnu Benay Sager (osesithombeni esingenhla), oyisikhulu seDebtBusters, uthi abantu basachitha imali engaphezulu kukahhafu womholo wabo, bekhokhela izikweletu.
Ngokocwaningo olwenziwe yiDebtBusters, kutholakale ukuthi ingxenye yomholo abantu abayisebenzisayo bekhokhela izikweletu zabo, yenyuke yafinyelela ku-70%.
Ukwenza nje isibonelo: lokhu kusho ukuthi uma umuntu ehola u-R15 000, kusho ukuthi u-R10 500 uya ezikweletini.
Leli yizinga eliphezulu lokwenyuka kwezindleko
Kubikwa ukuthi leli yizinga eliphezulu kakhulu lokwenyuka kwezindleko zezikweletu kusukela ngo-2017.
Ebantwini abahola kangcono, abangenelwa ebhange wu-R35 000 noma ngaphezulu ngenyanga, kubikwa ukuthi izindleko zabo zezikweletu zidla ingxenye ewu-79% yomholo, okuyizinga eledlula elango-2016.
Nakuba iSouth African Reserve Bank isiyehlise inzalo yemalimboleko izikhawu ezimbalwa, kodwa uSager uthi imalimboleko enenzalo ephezulu yiyona ethwalisa kanzima abathengi.
Abantu abaningi bagcina bethathe isinqumo sokufuna usizo lokutakulwa ezikweletini (debt counselling), babishe ezikweletini zemali abasuke beyibolekile.
Kubikwa ukuthi ingxenye ewu-95% yabantu abafaka izicelo zokutakulwa ezikweletini kwiDebtBusters kule kota yesibili yonyaka, inezikweletu zemalimboleko.
Ingxenye ewu-84%, kubikwa ukuthi inama-akhawunti okukweleta asezitolo; kuthi ingxenye ewu-57%, inama-credit card.