09  | Izindaba

Friday, 29 May 2026

Utholakale esebanda owanyamalala emtholampilo

UChirwa wanyamalala elinde ukudluliselwa esibhedlela ngenxa yokuxineka...

Umndeni uthi uzoke uthole ukuphumula njengoba ubungazi ukuthi ukuziphi izinkalo...

Image

NguMnu Siphiwe "Sjula" Chirwa (67), owanyamalala  esemtholampilo, elinde isithuthi esasizomdlulisela esibhedlela.

Nhlanhla Hudla

SITHOLAKALE ehlathini eliseduze nomtholampilo iPolly Clinic, KwaMashu, sesiqala ukonakala isidumbu okusolwa ukuthi ngesikaMnu Siphiwe "Sjula" Chirwa (67), owanyamalala ekulo mtholampilo, elinde isithuthi esasizomdlulisela esibhedlela ngoba isimo sakhe sasibucayi, ngomhla ka-28 ku-Ephreli nonyaka.

ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ekupheleni kwenyanga eyedlule, lapho okwavela khona ukuthi uChirwa wangeniswa kulo mtholampilo egula kakhulu, odokotela banquma ukumdlulisela esibhedlela.

Kuthiwa umshana wakhe ayehamba naye, waphuthuma kubo eyomlandela izimpahla ayezozidinga esibhedlela, okwathi uma esebuyela kulo mtholampilo wangabe esamthola uninalume. Kwabikwa ukuthi izisebenzi zakulo mtholampilo zamlandula.

NgeSonto, kutholakale isidumbu sowesilisa sesiqala ukonakala, okukholakala ukuthi ngesikaChirwa.

Ekhuluma naleli phephandaba uNkz Nompumelelo Khanyile, ongumshana kaChirwa, uthi izimpawu zikhomba ukuthi isidumbu ngesikaninalume. Uthi ukunyamalala kukaninalume esemtholampilo kukhombisa obukhulu ubudedengu.

"Nakuba besesiqala ukonaka isidumbu, kodwa kuningi okuyizimpawu okukhomba ukuthi ngesakhe. Kulezi zimpawu sibala indawo esitholakale kuyo eseduze nalapho anyamalalela khona, nezimpahla zokugqoka anyamalala ezigqokile.

"Siyathemba ukuthi njengoba sesimtholile sesizokwazi nokuphumula, ngeke sisalokhu sibheka okuningi. Nakuba singajabulanga ngobudedengu obenziwa wumtholampilo kodwa ukuthi sikwazi ukuthola isidumbu, yikhona okuzokwenza ukuba umndeni uphole, futhi udlule kulesi simo obubhekene naso, njengoba bewungazi ukuthi kumele wenzeni," esho.


Uthi bazolinda kwenziwe ulibofuzo ngaphambi kokuqhubeka namalungiselelo omngcwabo.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Paul Magwaza usiqinisekisile lesi sigameko.

 hudla@ilanganews.co.za

0