09 | Izindaba

Friday, 17 October 2025

Image

YISIKOLE esesavalwa, saphendulwa isikhungo esisiza intsha ukufundiswa ngamakhono ezolimo.

Uphendule isikole saba yisikhungo
sokuqeqeshela amakhono

Phumlani Gama

UPHENDULE isikole sangakubo oYemeni, eMthunzini, esesavalwa, wasenza saba yisikhungo sokuqeqeshela intsha enesifiso sokungena emkhakheni wezolimo.

UMnu Sizwe Thusi ongowokuzalwa kule ndawo, utshele leli phephandaba ukuthi unesifiso sokuba ezolimo zingene entsheni ukuze kuzoba lula ukuhlangabezana nezinkinga ezidalwa wububha.

Uthe ugxile kakhulu emkhakheni wokufuywa kwezimbuzi nezinkomo.

UThusi uke wasebenza esikhumulweni sezindiza ePitoli, okuyilapho khona aqala ukuhlangana nabantu baseNamibia, ababesuka ezweni labo bezothenga izimbuzi kuleli.

Image

LESI yisikole esesavalwa ngenxa yokwehla kwesibalo sabafundi. 

Isikole sasoYemeni singesamabanga aphansi, kanti savalwa eminyakeni eyedlule emuva kokuba owayenguthishanhloko, wayekhale ngokwehla kwesibalo sezingane ezifundela kusona.

"Ngesizathu sokuthi mina ngihlala ngokuqhuba izinhlelo zami zezemfuyo, ngabona ukuthi mangisebenzise lesi sikhungo sikahulumeni. Abanumzane bendawo, induna yesigodi nobukhosi, basemukela isicelo sami.

"Kumanje kunabantu abasha abawu-30, abaqeqeshelwa ukufuya ngenhloso yokuthengisa, baziphilise bona nemindeni yabo. Kulolu hlelo ngisizwa ngabaxhasi abasuka emikhakheni eyahlukene," kusho uThusi.

Image

LESI yisikole esesiphendulwe isikhungo esilekelela intsha endaweni. Kusona kufundiswa ngokungaxosha ikati eziko, okubalwa ukufuywa kwezimbuzi nezinkomo.

Intsha eqeqeshwayo inikezwa imali ethile njalo ngenyanga

Induna yendawo, uMnu Nhlanhla Qwabe, itshele ILANGA Lempelasonto ukuthi bakwemukele okwacelwa nguThusi ngoba kuwuhlelo oluhle, futhi olusiza umphakathi.

"Kumanje abantu abasha abaqeqeshwayo bathola imali ewu-R2 700 ngenyanga. Siwumphakathi osendaweni yasemakhaya, lapho abantu bakhona bengenazo izinhlelo zokuziphilisa, futhi kawekho namafemu abangasebenza kuwona," kuphetha uQwabe.

0