Izindaba | 09

Friday, 16 May 2025

UNgqongqoshe 
wethule inyanga yokuvikelwa kwezingane

Isiqubulo salo nyaka sithi :
"Siyasebenzisana ukulwisana nesihlava sodlame olubhekiswe ebantwaneni".

Image

NguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkz Mbali Shinga.

YETHULWE ngempumelelo inyanga yokuvikelwa kwabantwana nonyaka (Child Protection Month), ehlanganisa nengqophamlando yesivumelwano sokusebenzisana phakathi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, neSANTACO KZN Scholar Transport.

Image

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkz Mbali Shinga wethule lesi sivumelwano sokusebenza ngokubambisana neSANTACO ngoLwesibili mhla ka-13 kuMeyi kuwo lo nyaka, phansi kwesiqubulo esithi: "Siyasebenzisana ukulwisana nesihlava sodlame olubhekiswe ebantwaneni".

Image

Kukhona nezinye izinhlelo ezizoba ngaphansi kwalo mkhankaso masonto onke kule nyanga yeChild Protection. Lezi zinhlelo zihlanganisa iPrevention and Early Intervention Programmes (PEIP).

I-PEIP yiyona eyakhelwe ukulwa ngqo nokwanda kodlame nobugebengu obubhekiswe ezinganeni, ilekelelwa yiSANTACO KZN Scholar Transport namadlelandawonye asemkhakheni wokunakekelwa nokuvikelwa kwabantwana.

Image

Ngelinye lamatekisi ayingxenye yomyalezo weSANTACO KZN Scholar Transport, akhangisa ngemibhalo ewuphawu lomkhankaso.

Kubukeka lukhula ngesivinini udlame
nokuhlukunyezwa okubhekiswe ebantwaneni eNingizimu Afrika, okwenze sanda isibalo sezingane nemindeni ethintekayo.

Ubufakazi bukhomba ukuthi kuyakhula emindenini ukuhlukunyezwa kwabantwana ngocansi, ubudedengu bokunganakekelwa, ukushaywa  nokulinyazwa kwabo okwenzeka ngaphansi kwesandla sabazali, izihlobo nalabo ababagadayo.

"Siyisizwe esivele sinomlando nenkinga yodlame olulimaza, luhlukanise imindeni, nemiphakathi esiyakhele, luphinde lubhebhethekise ukusuleleka nge-HIV.

"Lesi sivumelwano sobudlelwane phakathi komnyango neSANTACO KZN Scholar Transport senza umyalezo wethu ugqame ngoba lawa matekisi abo azophenduka amanxusa okudlulisa umyalezo ofundisayo noxwayisayo emiphakathini mayelana nokunakekelwa, ukuvikelwa, nokwesekwa kwabantwana," kusho ungqongqoshe.

Ungqongqoshe ube esethula ngokusemthethweni amatekisi ayingxenye yomyalezo weSANTACO KZN Scholar Transport, akhangisa ngemibhalo ewuphawu lomkhankaso futhi adlulisa umyalezo kubantu bonke  nemiphakathi eyahlukene.

UMnu Mandla Mvubu ongusihlalo weSANTACO KZN Scholar Transport uthe: "Siyi SANTACO siyaweseka lo mkhankaso wokuvikelwa kwabantwana nokuqedwa kodlame olubhekiswe kubona abantwana."

"Siyakwamukela ngezandla ezimhlophe ukubambisana nokusebenzisana kwethu njengabaphathi bomsebenzi wokuthuthwa kwabantwana uma beya noma bebuya ezikoleni. Lo mkhankaso uzohlomisa abantu ngolwazi lwalokho okumele bakwenze uma bebona kwenzeka kukhona abantwana abahlukunyezwayo,"
kubeka
uMvubu.

Uphinde wabalula ukuthi kuqeqeshwe abashayeli kuzona zonke izifunda zemikhandlu
yaKwaZulu-Natal ngolwazi lwe-first aid, oluzobahlomisa ukubhekana nezingqinamba ezingenzeka emsebenzini abawenzayo wokuthutha abantwana.

0