09Β | Izindaba
Friday, 13 March 2026
Lo mlingisi uthi usamile ukwelashwa ngenxa yokweswela imali
Ukhala ngomzwangedwa nokwesindwa yisimo...
Β NguSabelo Gumede oke walingisa kwiScandal, ocela uxhaso lwemali yokwelashela umdlavuza.
ThandiΒ Zondi
USOMAHLAYA ophinde abe ngumlingisi uSabelo Gumede, uphumele obala ekhasini lakhe lezokuxhumana le-Instagram, ngokuswela imali yokukhokhela izindleko zokwelashwa njengoba ephethwe wumdlavuza.
Ngo-2025 uGumede kwatholakala ukuthi useku-stage 3 somdlavuza owaziwa ngeleChoriocarcinoma Germ Cell Testicular.
"Nginenkinga yokukhokhela izindleko zezempilo, angikwazi nokwelashwa
nge-chemotherapy kusukela enyangeni edlule nohhafu. Ngilapha ukucela usizo," kuchaza, yena ecela umphakathi ukuba ungenelele ngosizo lwemali.
Uthi ukwelashelwa umdlavuza kubiza phakathi kuka-R25 000 no-R30 000 ngenyanga. Uveze ukuthi usesalelwe yizinyanga eziwu 3 kuya kweziwu 4 ukuba aqede ukwelashwa nge-chemotherapy.
Wabalula nokuthi kumanje, akelashwa ngenxa yokungabi namali.
"Ngiyazi lokhu kuzodala izinkinga emzimbeni. Yonke into imisiwe ngoba angikwazi ukukhokhela izindleko, kunzima. Ngiyacela ningisize," kubalisa yena.
"Kwesinye isikhathi ngibulawa umzwangedwa, kodwa ngiyazi nikhona nina. Kokunye kuba sengathi nginomzwangedwa kakhulu ngenxa yokuthi yonke into iyangesinda. Angifuni ukulokhu ngikhuluma, ikakhulu ngezinto ezimbi ngoba yizona engihlezi ngixoxa ngazo ngaso sonke isikhathi," esho.
Uthi ngempelasonto eyedlule uthole ithuba lokuzijabulisa nabangani nomndeni, wakwazi ukukhohlwa okwesikhashana, nangomdlavuza imbala.
"Ngike ngakhohlwa nayizizumbulu zemali ezidingekayo ukuze ngiphile, ngakwazi ukuhleka, ngazizwa ngiphila. Kodwa-ke ubunjalo besimo bubuya ngokushesha uma sengithola imiyalezo yemali edingekayo -
i-chemotherapy ayilindi muntu kanjalo nezindleko zakhona," kuchaza yena.
Uthi kunezinto eziwu-5 afisa ukuba wazazi ngaphambi kokuqala uhlelo lokwelashwa (chemotherapy)
ππΎ Kuyabiza, i-medical aid iyasiza kodwa ayikhavi konke.
ππΎ Isikalo semali sokuqala, kasejwayele ukuba yiso. Imali iyenyuka ngokushesha.
ππΎ I-chemothrapy akusikho ukwelashwa kuphela kodwa kubalwa ama-scans, imithi, imiphumela edalwa wukwelashwa (side effects) nezimo eziphuthumayo ezivela esikhaleni.
ππΎ I-chemotherapy iyelapha, kepha iyawugqilaza umzimba
ππΎ Ukwesekwa kubalulekile, ngeke ukwazi ukuba kulolu hambo uwedwa.