09 | Izindaba

Friday, 12  December 2025

Ukhuthazwe yisimo semishado exube izinhlanga ukubhala iBloodstained Chemistry...

 Umbhali wezincwadi ugqugquzela ukufundwa kwezincwadi entsheni


Yinoveli yesithathu ebhalwe ngesiNgisi...
Image

Thandi Zondi

UMBHALI wezincwadi uNathi Olifant, ophinde abe yintatheli esimnkantshubomvu, ugqugquzela ukufundwa kwezincwadi ikakhulu entsheni  nokukhalinywa kwesikhathi esichithwa yizingane komakhalekhukhwini.

"Ukufunda kuvula umqondo ngaphezu kukamabonakude ne-social media, ngoba uthola ulwazi ongeke ulukhohlwe, futhi olukuhlomisa ngezinto eziningi empilweni.

"Ngiyazi noma singabazali izingane zethu siyazivumela zihlale kuma-tablets. Nakuba kunjalo, kodwa kumele sibe nendlela yokukukhalima lokhu, ngokuthi kube nehora noma elilodwa lokuthi bafunde incwadi," kuchaza uNathi.

Image

Ngumbhali wezincwadi uNathi Olifant, okhuthaza ukufundwa kwezincwadi.

Uthi lokhu kuyasiza ngisho uye kuma-interviews, ngoba umqondo uwondla ngolwazi olwejwayelekile, olukwenza uvelele kwinhlolokhono.

Lo mbhali usanda kukhipha incwadi esihloko sithi, "Bloodstained Chemistry", athi ugqugquzeleke ukuthi ayilobe ngenxa yokubuka imishado nobudlelwano obuxube izinhlanga.

Le noveli ingeyesithathu ebhalwe ngesiNgisi, kanti ishicilelwe yiNkabi Publishing. Kukhona nenye yesiZulu eyisihumusho senoveli yokuqala, yona ebizwa nge-Izinkabi.

Ebuzwa ukuthi imayelana nani uthe: "IBloodstained Chemistry, imayelana nensizwa yaseWasbank kodwa ehlala eGoli uTshepo Tshabalala
eyi-Accountant ezithela phezu kukaZahira Ismail okuyintokazi yeNdiya (iSulumane) yaseThekwini engudokotela wamazinyo.

"Ugajwa wuthando olunzulu, aqale ayijahe le ntokazi yona ibe imchitha. Lugcina lulungile uthando lwabo kodwa bese kuvele kushone ubaba wale ntokazi atholakale emotweni kaTshepo, kudume izulu," kuchaza uNathi ethi ngeke ageqe amagula, umfundi uzozitholela.

Kwabanesifiso sokubhala kepha abakhala ngobumatasa bempilo uthi: 

Image

"Maduze nje uthola usuhlanganise izahluko ezimbalwa, sekunodaba oluzwakalayo. Nami umsebenzi engiwenzayo owansuku zonke, futhi isikhathi asikho, kodwa lesi engisitholayo ngiyabhala," esho.

0