09 | Izindaba

Friday, 17 July  2026

Image

 UMastende uqhakambisa izinkundla zokuxhumana

Lo mculi uthi ubonga ukwesekwa nguyise naye osendimeni yomculo...

NguLinda Mkhize odume ngelikaMastende.

Lucky Cain 

SIWUFAKAZI kumculi onedumela ezinkundleni zokuxhumana uLinda Mkhize odume ngelikaMastende, isisho esithi ingwe idla ngamabala.

Lo mculi osebenzisa izinkundla zokuxhumana ukusabalalisa nokumaketha umculo, uveze ukuthi yizona ezimsizayo njengoba engakabi nawo amandla okuqopha ama-music video, okusabalalisa umculo wakhe kubantu.

UMastende owaphithizelisa izinkundla zokuxhumana ngengoma yakhe yokuqala esihloko sithi, Upete ngo-2023 kusukela lapho akakaze abheke emuva. Le ngoma yamvulela amathuba okuthi abonakale, futhi aziwe ukuthi ukhona kulo mkhakha.

Image

NguMastende.

Usanda kukhipha enye ingoma esihloko sithi, Iqanda le Grootman, nayo ebukeka isiphenduke intandokazi kubalandeli bezinkundla zokuxhumana. Le ngoma ibubeka ithandwa kakhulu ngabesimame asebeziteketisa ngakho ukuba ngamaqanda "kuma-grootman".

Echaza ngale ngoma uMastende, uthi ngesikhathi eyiqopha wayehlose ukuncoma osisi abahle sengathi baphathiswe okwamaqanda.

Image

Uthe nakuba ecula olunye uhlobo lomculo, kodwa
i-gqom yiyona ehamba phambili kuyena, futhi ngokwakhe lolu hlobo lomculo aluyindawo, lusazohlala lube nedumela kubantu.

"Njengoba sisekhona sibasha kwi-gqom, kusho ukuthi ayiyindawo, sisazobajabulisa abantu ngayo," kusho uMastende.

Uthe umatasa ulungiselela ukukhipha i-EP yakhe ungakapheli lo nyaka.

"Ngaphandle kweQanda Le Grootman, ikhona enye ingoma engizozwakala kuyona kaPriddy DJ ongu-producer wami ezophuma ngomhla ka-17 kule nyanga," echaza.

UMastende uzalwa yiciko eselizakhele igama kulo mkhakha uThukie. UThukie uyaziwa ngokucula nokudansa noTzozo ezingomeni ezahlukene. UMastende uthe uyambonga uyise ngokumeseka kulo mkhakha, futhi kuningi akufundayo kuyena njengoba ehlale emcathulisa kulo mkhakha.

Uthe nakuba efuna ukuzakhela elakhe igama emculweni, kodwa uyakuthokozela ukuba nobaba oseke wayihamba le ndlela, ukuze angaqhuzuki ezindaweni okuqhuzuke kuzona uyise.

Uthi nakuba eqhakambisa izinkundla zokuxhumana kodwa umculo wakhe usuke wadlalwa nasemisakazweni eyahlukene, futhi nayo le asanda kuyikhipha isiqalile ukuzwakala kuyona.

Uphethe ngokuthi le ngoma nezinye zakhe okubalwa kuzo Upete, Ibhomu neGqom Lompetha, ziyatholakala kuzona zonke izinkundla zokuthengiswa komculo.

0