09 | Izindaba

Friday, 09 October 2026

Image

NGUDKT Mafu Rakometsi, owengamele UMalusi.

UMalusi uqinisekise ukulungela izivivinyo
zika-matric

Thandoluhle Ngubo

INHLANGANO eyengamele ukubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni eNingizimu Afrika, Umalusi, iqinisekise ukuthi isikulungile ukusingatha izivivinyo zakulo nyaka ezizoqala ezinsukwini ezine ezizayo.

Lokhu kuvele ngesikhathi lolu hlaka lunesigcawu nabezindaba, lapho isikhulu salo esiphezulu, uDkt Mafu Rakometsi, ethule khona umbiko ngokulungela kwalolu hlaka ukusingatha izivivinyo zakulo nyaka.

URakometsi, uthi kulo nyaka kulindeleke ukuba kubhale abafundi abawu-1,8 million, abaqhamuka ezinhlakeni ezintathu ezehlukene.

Lezi zinhlaka yi-General Education and Training Certificate: Adult Basic Education and Training (GETC: ABET), kube yi-National Certificate Vocational (NCV) etholakala emakolishi amakhono ne-National Senior Certificate (NSC), etholakala ezigabeni zemfundo eyisisekelo, u-matric.

"Abafundi abazobhala izivivinyo ze-NSC, yibona abaningi kakhulu njengoba kubhalise abawu-989 141. 

"Ababhalise ngaphansi koMnyango weMfundo eyisiSekelo oholwa nguNgqongqoshe uNkz Siviwe Gwarube (
osesithombeni esingenzansi),  bawu-964 201, ababhalise ohlakeni lwemfundo ezimele i-IEB bawu-18 631, bese kuthi ababhalise kolunye uhlaka oluzimele i-Sacia, bawu-6309," kuchaza uRakometsi.

Image

Uthi lolu hlaka luhlole, lwaqinisekisa ukuthi izindawo okuzobhalelwa kuzona izivivinyo zisezingeni, futhi zikulungele ukusingatha izivivinyo.

"Izikhungo okuzobhalwa kuzona ziwu-9183, ezizosingatha izivivinyo ze-NSC ziwu-7403. Singakuqinisekisa ukuthi ezokuphepha lapho kugaywa khona amaphepha nokuhanjiswa kwawo ezikhungweni ziqinile," esho.

KUNEZINKINGA  ESEZIVELILE KODWA ABAZIQAPHILE

Uveze ukuthi amaphepha ezivivinyo azobhalwa kwaNSC awu-151, ezifundweni eziwu-58. Uthi nakuba bekulungele ukusingatha izivivinyo, kukhona izinkinga abaziqaphile esezivelile.

"Phakathi kwezinkinga wukuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo ushodelwa ngabazomaka amaphepha esibala kuwona i-Afrikaans Home Language, yi-English Home Language neHistory.

"Nakuba kunjalo siqaphe ngeso lokhozi, futhi bakuqinisekisile kithi ukuthi bazosheshe bawuqale umsebenzi wokumaka ukuze baqede kusenesikhathi," esho.

URakometsi uthi bayakuqonda ukuthi njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya, olungomhla ka-4 kuNovember, kuningi ukuphazamiseka okungaba khona, ikakhulukazi njengoba ezinye zezikole zisetshenziswa njengezikhungo zokuvota.
Ugqugquzele abafundi ukuba basebenze ngokuzikhandla.

UMA UKOPELILE WAPHUNYUKA, KAWEHLUKILE NOMUNTU OZIBULALAYO

"Sisebenza ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ezifanele ukuqinisekisa ukuthi noma kwenzeka imibhikisho yezimfuno zentuthuko, kodwa izivivinyo zingaphazamiseki.

"Siyacela umphakathi nawo ubambisane nathi, uqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle. Kubalulekile ukuthi ngigcizelele ukuthi abafundi bazimisele uma beyobhala. Ngalokho kumele baziqhelelanise nezenzo zokukopela.

"Engingakusho nje wukuthi uma ukopelile waphunyuka ngezizathu ezithile, okungaba wukuvunwa yinkantolo nokunye, kawehlukile nomuntu ozibulalayo ngoba ukukopela ngeke ukuphinde esikhungweni semfundo ephakeme, nasendaweni yokusebenza ngeke ukopele," esho.

0