09  | Izindaba

Friday, 29  August 2025

Image

YISIHLABANI somculi saphesheya uR Kelly, esizama ukubuya emculweni ngokukhiqiza izingoma sisetilongweni.

 Sicela uxolo ngezingoma isihlabani saphesheya esisetilongweni

U-R Kelly ukhihla esikaNandi, uyaxolisa cishe kuzona zonke izingoma zakhe

 Makhosi Dube

SIBUKEKA sizama ukubuya emculweni ngezingoma ezinokuxolisa isihlabani saphesheya, u-R Kelly ogama laso langempela nguRobert Sylvester Kelly (58), esitholoza etilongweni.

Lo mculi obengaconsi phansi kwabaningi emhlabeni jikelele ngenxa yezingoma zakhe ezinomyalezo othinta inhliziyo, uphenduke iqaqa ngesikhathi kuvela imigilingwane yokuhlukumeza ngokocansi abeyenza kwabesifazane namantombazanyana.


Yize bekulokhu kunamahlebezi okuhlukumeza nokuthanda ucansi kwalo mculi, kodwa i-documentary ethi, Surviving R Kelly, yiyona embule lo mculi ibheshu, yashayelela nesipikilili sokugcina ngokunekela izwe konke ukonakala kwakhe.

Kuyo kukhuluma abesifazane abehlukene, futhi abaneminyaka ehlukene, beveza ukuthi bahlangana kanjani nalo mculi, nokuthi wabahlukumeza kanjani.

Okucacile wukuthi abaningi besifazane wabayenga ngodumo, ikakhulukazi labo ababesebancane kakhulu ngokweminyaka.

Kuyo le documentary, nobeyinkosikazi yakhe kodwa asebehlukanisile, uNkz Andrea Kelly, uyaphawula ngamanyala alo mculi athi amshiya ebambe ongezansi.

Image

NGUMCULI obengaconsi kwabaningi, uR Kelly, okhala ngokuthi useculela izindonga.

 Omunye wesilisa obesebenza noR Kelly uphawula kuyo le documentary, athi wamkhuza kaningana ngalo mkhuba wokuthanda ucansi kuze kweqe, njengoba ethi ubenomkhuba wokuthi uma ecula emakhonsathini, adonse noma yimuphi umuntu wesifazane amculele, abe enza izenzo ezikhombisa ukufuna ucansi noma ukwenza ucansi.

Uthi wamphendula ngamazwi athi, “this will be my downfall one day.”


Lo mculi wagixatshezwa iminyaka ewu-30, ngo-2022, ngamacala ahlukene okubalwa kuwo awokushushumbisa abantu ukuze bahlukunyezwe ngokocasi, awokuhluku-meza ngokocansi nawokwenza okupha-mbene nomthetho ekucashise ngaphansi kwebhizinisi lakhe.

Image

Kamuva isonto nesonto u-R Kelly ukhipha ingoma kwiYoutube, ngama-akhawunti abantu abehlukene.

Kuzo kubalwa ethi, Broken ft Rihanna, iLetter to my Victims, ethi, One more Chance, ethi, Before I die, ethi, Imperfect Me ayicula noTeddy Swims, nethi, I Apologize (Please Forgive Me) ft Rihanna.

Kuwo wonke ama-video ezingoma zakamuva abukeka enziwe ngobuchwe-pheshe be-AI, lo mculi ukhihla isililo, ugqoke izimpahla zasejele ezi-orange.

Nezinhlamvu zezingoma zakhe zinamagama axolisayo, atshengisa ukuzisola ngezenzo zakhe. Uzwakala exolisa, ecela ithuba lesibili emndenini wakhe, kunina nabo bonke abahlukumeza ikakhulu abesifazane.

 UR Kelly uthi usethandazela umusa njengoba esewe bhu phansi

Kukhona lapho ethi, “Ngike ngaba nakho konke, umhlaba, i-stage nokukhanya, kodwa manje ngivakashelwa yizithunzi ebusuku ejele, ngizwa amazwi abantu engabahlukumeza.
Engikuthandazelayo manje wumusa.”

Yize u-R Kelly ekhiqiza umculo omusha, okucacayo wukuthi kawutholakali ezindaweni eziningi zomculo.

Leli phephandaba lingekuqinisekise ukuthi lo mculo omusha ukhiqizwa nguyena uR Kelly, noma ngabanye abantu besebenzisa ubuchwepheshe
be-AI.

Image

Nezingoma zakhe ezashisa izikhotha, sekunzima ukuzithola ezinkundleni ezidayisa umculo njengoba ezinye zawuvala.

U-R Kelly akusiye yedwa ongumculi osejele ngamacala okuhlukumeza abesifazane, njengoba noSean Combs odume ngelika-P Diddy (
osesithombeni esingezansi), esanda kuba sematheni ngokuhlukumeza abesifazane.

Image
Image

LEZI zihlabani zabaculi bezingaconsi kwabesifazane njengoba zombili zigcine ziboshwa ngokwehlukana, ngenxa yokuhlukumeza abesifazane.

0