09 | Izindaba

Friday, 31  October 2025

Image

NGURASHID Sibiya waseNtuzuma. Uthathwe nabantwana bakhe, u-Usanda noLuyanda (ophethwe), beyishaye yaphelela imvunulo njengoba bekugujwa Usuku Lwamagugu (Heritage Day) ngenyanga edlule.

Nabantwana sebehlelelwa ingqephu uma kunemicimbi

Lokhu kuvame ukubonakala emicimbini yesintu, begqokiswe bahambisana ne-theme yosuku   

Mpume Sibiya

NGINGUMUNTU osihloniphayo isimemo semicimbi, ikakhulukazi yalabo engisondelene nabo.

Uma umenywa kufanele ugqoke ngendlela ethile, ngoba "uyadliwa" bo ukotini kule micimbi.
Kuhlale kungihlaba umxhwele ukubona ukuthi isintu sethu siseduze kangakanani nezinhliziyo zethu.


Abazali bayaqinisekisa ukuswenkisa abantwana:

Image

NGUBULELANI noMbono bakwaNgcobo, eNtaphuka, eNdwedwe, abathathwe kweminye yemicimbi yakubo. Bebebahle kanjena, beswenkile, kubonakala ukuthi abazali babo bebebahlelele ukuba semcimbini.

Ngisho abantwana kule micimbi, abazali bayaqinisekisa ukuthi bayabaswenkisa, babavunulise.
Thina sikhule uma uyingane kuhanjwa, ubugqokiswa noma yini yokuhamba.

Cishe emicimbini eminingi sengiye ngibone abantwana begqokiswe izimpahla okubonakalayo ukuthi abazali babhoboke iphakethe bethungisa, ukuze ingane yabo ibukeke kahle.

Abantwana sebehloba nangemvu- nulo futhi ihambisane ne-theme yosuku.

Nabasebenzisa ubuciko bezandla, sebeyabacabangela abantwana, njengoba kusuka onyaweni kuya ekhana, nabo sebenokwabo okubalinganayo.

Lapha singabala izimbadada zemihlobiso enhlobonhlobo yesintu, imigexo yobuhlalu, umqhele ofakwa ekhanda (ebafaneni), ama-overall, amathawula nokunye.

Kufundiswa abantwana ukuthanda isintu:

Image

NGU-USANDA noLuyanda abahlobe ngemvunulo elingana iminyaka yabo.

Lokho nje kukodwa, kutshengisa ukuthi zizothi uma zikhula izingane, zingalahlekelwa yimvelaphi yazo, zisithande nesintu.

Ngisho okuncane "ontembuzane" uma kusemicimbini, nakho kusuke kuswenkisiwe; okungumfana kugqokiswe njengoyise, okwentombazane kufaniselane nonina.

Image

KUYE kubukeke kahle uma umndeni ufaniselana.

Phela yinto entsha kithina lena. Nakho nje ukuhamba, kwakuyivela kancane, obekwenza nezingubo zokuhamba zingabi ziningi. Angisayiphathi-ke eyesicathulo, kwakuba yipheya elilodwa noma kube yilezo zesikole.

Sekuyisitayela ukufaniselana nabazali emicimbini:

Lesi sitayela sokufaniselana kwabazali nezingane emicimbini sidlisa kakhulu kweyesintu.

Njengoba bekuwuMandulo (September) owaziwa ngenyanga yamaGugu, emicimbini enhlobo-nhlobo ebiyenziwa, bekuba kuhle uma imindeni isigqoke ngokufaniselana (abazali nezingane)..

Image

Lokhu bekucacisa ngokusobala ukuthi abazali bezikhathi zamanje, sebeyaqikelela ukuthi izingane zabo ziswenka ngokusezingeni elifanele, futhi elihambisana nesintu sethu.

Emishadweni yesilungu, ingane yomfana noma eyentombazane, ibifaniselana nabazali ngoba nakhu

iyi-flower girl noma iyi-pageboy njengasesithombeni esingezansi.


Image

Ukuthungisa kwenyusa izinga lomnotho kubasiki bengqephu:

Njengoba sizoya emaholidini kaZibandlela (December), imicimbi izobe ithe chichi saka ezindaweni ezahlukene, okusho ukuthi abasiki bengqephu bayobe bematasa, bethunga, okusho ukuthi namakhukhu abo azoqumba, okuyinto enhle emnothweni njengoba isimo sibukeka sishubile nje ezweni.
 
Nalabo abangabadayisi bezimpahla zesintu, okubalwa ezenziwe ngobuhlalu, isikhumba, nokunye nje okuwubuciko bezandla, bazoba matasa ukuzama ukuqhamuka nezitayela ezehlukile.

Image
0