09 | Izindaba
Friday, 21 November 2025
BEKUYINJABULO yodwa bevakashiswa eGauteng, ukuyothekela ulwazi ngokongiwa kwamanzi nogesi.
Abesifazane basemakhaya asebekhulile, bachushiswe ngokongiwa kwamanzi nogesi
Bathenjiswe uxhaso lwama-solar ezinkampanini ezahlukene, abebengqongqoza kuzona
Mthobisi Sithole
ZIPHENDUKE izitatanyiswa izaguga ezisuswe emakhaya zayofundiswa esilungwini ngokubaluleka kokongiwa kukagesi namanzi.
Lezi zaguga ezingaphansi kwenhlangano iZamokuhle Luncheon Club, esebenza kwiNkungumathe Non-Profit Organisation, eNkandla, ziqeqeshwe eGauteng, kusukela ngoLwesibili olwedlule kwaze kwaba yimpelasonto, zihambela izindawo ezahlukene okubalwa iGoli nePitoli.
Ziwu-100 sezizonke ezingaphansi kwalolu hlelo. Umgqugquzeli wale nhlangano uMnu Mthokozisi Mchunu, uthe abantu abaningi ziningi izinto abangafundisekile ngazo, ebezenzeka eminyakeni edlule, nezenzeka manje.
Uthi iningi lezaguga kalikaze lifinyelele emadolobheni amakhulu, libone izinkampani ezinkulu ukuthi zisebenza kanjani, lithole nokufundiswa.
"Abantu abadala, ogogo abanye babo abalitholanga ithuba lokubona iGoli ebusheni babo. Sithe masibahambise izindawo beyobona, bafundiswe ukuthi impilo ikanjani.
"Ngokuvamisile, emakhaya kabanalo ulwazi ngezindleko zokusetshenziswa kwamanzi nogesi ukuthi uma bengahambisi ngendlela, zingakanani izindleko ezishaya uhulumeni, bese kulimala wonke umuntu," kusho uMchunu.
Phakathi kwezinkampani abavakashe kuzona kubalawa iSouth African Energy Distribution Institute, Industrial Solutions, endaweni yezilwane nezinye.
Bathole nethuba lokuya eSoweto ukuyobona umuzi wowayengumengameli wezwe, uMnu Nelson Mandela (ongasekho), baya ePitoli ezindlini zombuso nakwezinye izindawo.
UMchunu uthi ziningi izinhlelo ezikhona zokuqeqeshwa kwezaguga ukuze zimelane nesimo okuphilwa kusona njengamanje.
"Ngaphambi kokuba sibavakashise eGauteng, besinazo izinhlelo zokuthi kube nezingxoxo zokwakhana, eziqhathanisa impilo esiyiphilayo manje neyakudala, nokubaluleka koshintsho ukuze bakwazi ukuphilisana kahle nemindeni ekhona njengamanje," esho.
Uthi izaguga ziluka namacansi, zithunge ngenhloso yokuthi zenze imisebenzi yezandla.
UMnu Busani Mhlongo uthi lolu hambo lubasize kakhulu ngoba bafunde abebengakuqondi.
"Kuningi esikufundile. Sithole nethuba lokufaka izicelo ezinkampanini eziphehla ugesi, sathenjiswa ukuthi sizoxhaswa ngama-solar njengoba izimo zikagesi zihlupha," kusho uMhlongo.
mthobisis@ilanganews.co.za