09 | Izindaba

Friday, 18 September 2026

Kulobe: uMthobisi Sithole

Ezomasipala

Kuhlukene imibono ngokuqanjwa kabusha kukaMasipala waseNkandla

Abanye bakhala ngokuthi umasipala usendaweni yakwaShezi...

Image

ABAPHATHI bakaMasipala waseNkandla , iMeya uNkk Nonhlanhla Nzuza, noSomlomo uMnu Sondelaphi Sibiya.

KUHLUKENE imibono emphakathini waseNkandla ngesiphakamiso sikamasipala wendawo ohlongoza ukushintsha igama lawo, uqanjwe kabusha ngenkosi yesizwe sakwaBiyela eMahlayizeni, khona eNkandla.

Umasipala waseNkandla uphakamisa ukuthi usufuna ukubizwa ngokuthi "Inkosi Bhekizwe Biyela Local Municipality," kushintshwe igama elithi "Nkandla Local Municipality".

Isaziso sesikhishiwe emphakathini ukuze umphakathi ubeke imibono yawo ngalokhu okuhlongozwayo.

Okuhlukanisa phakathi imibono yabantu wukuthi umasipala wakhiwe ngaphansi kwesizwe sakwaShezi. Uthi iNkosi uSgananda inomlando omude wokulwela iNkandla, akufanele umasipala uqanjwe ngenye inkosi endaweni yenye inkosi.

Image

INKOSI uBhekizwe Biyela yaseMahlayizeni, eNkandla

Abanye bancoma lesi siphakamiso, bathi iNkosi yakwaBiyela iyinqolobane yamagugu omlando wobukhosi esifundazweni ngenxa yokuhola isikhathi eside.

Baveza ukuthi kuyifanele ukuhlonishwa ngale ndlela ephakanyiswe wumkhandlu wamakhansela aseNkandla.

Okhulumela umasipala waseNkandla uNkz Bongiwe Zuma, uqinisekisile ukuthi umphakathi uvulelwe ithuba lokuthumela imibono yawo.

Ukuthunyelwa kwemibono ebhalwe phansi kuzovalwa mhla ka-23 kulenyanga.

Kuthunyelwa imibono ngokusebenzisa uhlelo lwe-email ethi :info@nkandla.gov.za noma kubhalwe incwadi eposiwe ekhelini elithi,
Municipal Manager
Private Bag x161
Nkandla 3855

Umphakathi uvunyelwe ukuba imibono uyihambise nakamasipala. Kuhlelwe nezikhungo nezinsuku umphakathi ozohlanganyela kuzona wethule imibono kusukela mhla ka-15 kuya kumhla ka-5, wenyanga ezayo.

mthobisis@ilanganews.co.za

0