09 |Izindaba

Friday, 11  July 2025

Image

Baningi abadayisa izindlu zabo bexakwe yinkinga yemali

Lehlile izinga lokudayiswa nokuthengwa kwemizi...

BHEKI NDLOVANA

INGXENYE yabantu abaningi abadayisa izindlu zabo, kubikwa ukuthi ikwenza lokho ngoba ibhekene nengcindezi ethinta imali.

Embikweni wakamuva wocwaningo lweFNB, i-Estate Agents Survey Results, wekota yesibili onyakeni u-2025, kuvela ukuthi lehlile kancane izinga lokudayiswa nokuthengwa kwezindlu uma kuqhathani-swa nekota yokuqala yalo nyaka.

Ubunzima besimo somnotho nokuxakeka kwabantu, kufakazelwa wumphumela obonakele kulolu cwaningo, wokuthi ingxenye elinganiselwa ku-21%, idayise izindlu ngenxa yesimo esinzima sezemali.

Nakuba lesi sibalo sehlile kancane uma kuqhathaniswa nakwikota yokuqala yalo nyaka lapho sasiku-22%, kodwa iFNB ithi  wukuxakeka okwenza abanye badayise izindlu zabo.

Uguquko empilweni yomuntu, oluhambi-sana nesigaba somhlalaphansi nokwehlisa izinga lempilo, iFNB ithi yiyona mbangela esahamba phambili ebantwini abadayisa izindlu zabo.

Ibalelwa ku-24%, ingxenye yabadayisa ngezindlu ngenxa yalesi sizathu esihambi-sana noguquko lwempilo.

Abanye badayisa izindlu ngenxa yokufudukela kwezinye izindawo

Ingxenye yabantu ebalelwa ku-5%, kubikwa ukuthi idayisa izindlu ngenxa yesizathu sokufudukela kwamanye amazwe.

Enye ingxenye ewu-12% wezindlu ezidayisiwe kule kota yesibili yonyaka, kubikwa ukuthi zidayiswe yilabo bantu abathuthukisa izinga lempilo yabo.

Ukwehla kwenzalo yemalimboleko kuyawulekelela 
lo mkhakha


Ngokuchaza kweFNB, imiphumela yalolu cwaningo iveza izimo ezahlukene - izinguquko ezithile ezihambisana nesikhathi sonyaka, kanye nesimo somnotho esibanzi.

Ukwehla kwenzalo yemalimboleko osekwenzekile kusukela ngonyaka odlule, nakho kubikwa ukuthi kuyawulekelela lo mkhakha wokudayiswa kwezindlu.

Kubhekwe futhi ukuba ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko okusazola-ndela kuqhubeke nokweseka ukuthe-ngwa kwezindlu.

Image
0