08 | Izindaba

Friday 15 May 2026

Kuningi okuhle okugqamayo kwi-Africa Travel Indaba...

 Uzoqhakambisa impilo yaseMlazi umdlalo omusha kwi-etv


Abalingisi kabasasiboni isidingo sokufudukela eGoli ngenxa yokuvuleka kwamathuba eKZN...
Image

Yisikhulu esiphezulu senkampani eqopha imidlalo kamabonakude iStained Glass TV, uKing David Mukwevho.

Lucky Cain

UZOQHAKAMBISA impilo yaselokishini uMlazi umdlalo omusha owuchungechunge ozokhonjiswwa esiteshini sikamabonakude esizimele i-etv, kusukela ngomhla ka-29 kuJuni kophezulu.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu senkampani eqopha imidlalo kamabonakude iStained Glass TV, uKing David Mukwevho, ngoLwesithathu enkulumweni-ngxoxo ebihlelwe yiKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority, ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yezokuvakasha eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ebizwa nge-Africa Travel Indaba.

UMukwevho ubeyingxenye yale nkulumo-ngxoxo nezinye izikhulumi eziqavile emkhakheni wezikamabonakude namafilimu, lapho bekudingidwa khona ukuqhakanjiswa kwezokuvakasha emafilimini nasemidlalweni kamabonakude.

Kulezi zikhulumi bekukhona uChris Q Radebe ongumbhali wemidlalo kamabonakude, uSakhile Gumede ongumphathi weDurban International Film Festival, uNerusha Sadapal ongumkhiqizi wamafilimu noRichard Horlock, obemele umkhakha wezokuvakasha.

UMukwevho uncome ukusebenzisana okuhle  iStained Glass enabo nezinhlaka ezahlukene KwaZulu-Natal, kusukela kuhulumeni kuya ezinhlakeni abasebenzisana nazo, okubalwa kuzo iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority.

Uthe kusukela baqala ukuqophela imidlalo yabo kulesi sifundazwe ngo-2014 benza Uzalo, kabakaze babe nenkinga ngezindawo zokuqophela. Uthe beqala, babefike nabantu baseGoli ukuzoqopha lapha eThekwini, kodwa kuyabajabulisa ukuthi ngemuva kweminyaka ewu-12, sebesebenza nabantu bakulesi sifundazwe kuphela, abanye babo abakwazi ukubaqeqesha besafunda, bakwazi nokubanika amathuba.

"Ukufika kwethu sikwazile nokuthuthukisa nosomabhizinisi bakhona KwaZulu-Natal njengoba izinkampani ezisenzela ukudla nalezo ezisiqaphayo uma sisebenza, zikwazile ukuqasha abantu basebenza kule minyaka sizinze kulesi sifundazwe," kusho uMukwevho.

Uthe kusukela baqala ngoZalo sebeqophe neminye imidlalo kulesi sifundazwe, ebe yimpumelelo okubalwa kuyo iDurban Gen, Ifalakhe, Amalanga Awafani, Genesis, Umjolo neminye.

Image

Ngomunye wemidlalo eqoshelwa KwaZulu-Natal, okhombisa ukukhula.

 "Sikhuluma nje kunomunye umdlalo esimatasa ngawo esiwuqophayo ozoqhakambisa ilokishi laseMlazi ozokhonjiswa kwi-etv, kusukela ngasekupheleni kukaJune kulo nyaka," kuveza uMukwevho.

 Uthi umdlalo omusha uzobizwa ngokuthi Egagasini. Uthe nakuba engeke adalule okuningi ngawo, kodwa uzogxila elokishini uMlazi uveze uMhlanga neShaka Marine World.

Kulindeleke ukuba lo mdlalo ube nedumela njengoba kuvela ukuthi uzobe ugabe ngabalingisi abanohlonze abangumsinsi wakulesi sifundazwe, nalabo abangabalingisi abasebasha.

UMukwevho uthe bayazigqaja ngokuvundulula ithalente labalingisi kulo mkhakha njengoba kunabalingisi abakwazile ukubavundulula, bakwazi bakhula kulo mkhakha babonakala nakweminye imidlalo kanti abanye kabasasiboni isidingo sokufudukela eGoli njengoba isikhona imisebenzi nalapha eThekwini.

0