Izindaba| 08

Friday, 23 May 2025

Isicelo
soMnyango wezeMpilo  kwasebeyeke  imishanguzo yesandulela ngculaza 

Abomnyango bathi bahlose ukubuyisela emishanguzweni abantu ababalelwa
ku-1.1 million...

Image

Thandi Zondi

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal, unxusa amalungu omphakathi abeseyeke imishunguzo yesandulela ngculaza (HIV), ukuba akhuze ibuya ezikhungweni zawo zezempilo.

Ekhuluma emhlanganweni weProvincial Council on Aids (PCA) obuseThekwini, uNgqongqoshe wezeMpilo wakulesi sifundazwe, uNkz Nomagugu Simelane uthe: "Ukuphuza amaphilisi nsuku zonke kungaba yinselelo kwabanye abantu, kepha uma sikhuluma nabantu siyakugcizelela ukuthi ama-ARVs afana namanye amaphilisi amahlalakhona, okumele aphuzwe zonke izinsuku, awahlukile.

Image

NGUNKZ Nomagugu Simelane ongungqongqoshe wezeMpilo, eKZN.

 Ngakho-ke sigcizelela ukuba babuye ngoba lokhu kuzosiza bona. Kumele sizikhumbuze ngaso sonke isikhathi ukuthi uma uthatha imishanguzo ngendlela okuyiyo, usuke uzisiza wena ukuthi ube nempilo ende. Sithi abantu mababuye, ngeke sibuze imibuzo eminingi, kodwa sizokufaka ohlelweni lokwelashwa kuphela," esho.     

 I-Provincial Council on Aids (PCA) iwuhlaka olubhekelela ukwelashwa kwe-HIV/Aids, izifo ezithelelana ngokocansi, nesifo sofuba esifundazweni ngokubambisana phakathi kwabaholi bakahulumeni nobuholi bomdabu.

Image
Image

Babalelwa cishe ku-1,5 million eKZN abantu abadla ama-ARV, uMnyango wezeMpilo uthi usemkhankasweni wokuthola abanye asebeyeke imishanguzo ngezizathu ezahlukene, nalabo igciwane elingakacindezeleki kubona.

Umnyango unohlelo olubizwa ngeClose the Gap, lapho unxenxa khona umphakathi ukuba uqhubeke nokuhlolela iHIV, kwasebethelekile baqhubeke nemishanguzo.

Uthi ngalo mkhankaso uhlose ukubuyisa abantu ababalelwa ku-1,1 million asebeyeke imishanguzo yokuthithibalisa lesi sifo.

tzondi@ilanganews.co.za

0