08 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Kulobe: uThandoluhle Ngubo

Ezemfundo

Umnyango nophenyo ngamaphepha abokufika abayizisebenzi zawo

Uphenyo lweSIU, luveze inkohlakalo eyenzeka eMnyangweni wezaseKhaya

UZOQALA uphenyo lokucubungula amaphepha ezisebenzi zawo ezivela emazweni angaphandle, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe yilo mnyango ngemuva kokukhishwa kombiko weSpecial Investigation Unit (SIU) ngoMsombuluko, lapho iSIU yenabe kabanzi ngenkohlakalo okuthiwa yenzeka eMnyangweni wezaseKhaya.

INhloko ebambile yeSIU, uMnu Leonard Lekgetho, izwakalise ukukhathazeka ngobuqiniso bamaphepha asetshenziswa yizisebenzi zoMnyango wezeMfundo ezivela emazweni angaphandle.

Ithi ophenyweni lwabo, bathole ukuthi izimvume zokuba kuleli, zidayiswa ubuthaphuthaphu eMnyangweni wezaseKhaya, okwenza zinikwe abantu abangenazo izimfanelo zokuba kuleli.

Eqhuba, uveze ukuthi kakuzona izisebenzi zomnyango kuphela okudla ngazo izikhulu zoMnyango wezaseKhaya, kodwa bayazuza ngokwenzelela abangaphandle abadumile, okubalwa kubo oShepherd Bushiri nabanye.

Kuphuma lo mbiko nje, ngasekupheleni kwenyanga eyedlule uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNkz Siviwe Gwarube, waveza ukuthi umnyango kuzwelonke uqashe othisha abangabokufika abawu-3240.

Ngemuva kokuphuma kombiko weSIU, uMnyango wezeMfundo eKZN, uveze ukuthi uNgqongqoshe uMnu Sipho Hlomuka, uhlangane nezikhulu zomnyango, bahlela ukuba kuqale uhlelo lokucubungula amaphepha nezimfanelo zazo zonke izisebenzi zomnyango, ukuthi zikulesi sifundazwe ngokusemthethweni yini.

Uveze ukuthi izisebenzi okutholakala ukuthi zisebenzise amaphepha angekho emthethweni, zizothathelwa izinyanthelo ezinqala.

0