08 | Izindaba

Friday, 24 July  2026

Umkhulumeli weSilo ucacisa ngobudlelwano bakhe noMntwana uThulani

UButhelezi uthe kabaxabene noMntwana uThulani, futhi nguyena ozomfundisa umsebenzi abewenza

Image

NGUMNU Mpikayise Buthelezi, ongumkhulumeli weSilo uMisuzulu, uthathwe noMntwana uThulani Zulu (okwesokudla), wasendlini yaseZibindini, obekhulumela iSilo phambilini.

John Hlongwa

UMKHULUMELI omusha weSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMnu Mpikayise Buthelezi, ucacisa ngobudlelwano bakhe nomkhulumeli weSilo omdala, uMntwana uThulani Zulu wasendlini yaseZibindini, ngokuthi abaxabene, kodwa ngabantu nje abebecabanga kanjalo.

UButhelezi usanda kuqokwa ukuba abe ngumkhulumeli weSilo ngemuva kokuphunyuzwa (kokuxoshwa) kukaMntwana uThulani.

Enkulumweni eqoshiwe yananyekwa enkundleni yezokuxhumana i-Facebook, kubonakala uButhelezi exhawula uMntwana uThulani, ekhuluma ethi: "Mina nangu engithathe isikhundla sakhe ngaphandle kokulwa, uma besehlulela abantu, asixabene thina, futhi siyezwana.

"Uzongifundisa umsebenzi lona akade ewenza. Ngakho-ke abantu bajwayele ukuqhatha, kanti cha mina kangilwi nawe mntwana.

"Lesi sikhundla angisithathanga ngokuthi ngiyamshaya, kodwa ngibe nogazi nje."

Uze wayigcizelela le nkulumo yakhe ngolimi lwesiNgisi, ethi: "Cha asixabene mntwana," kuphetha inkulumo.

UMntwana uThulani usanda kukhonjwa indlela yiSilo uMisuzulu emuva kokuba kube nengxabano ngodaba lokuthi iSilo saya ukuyobonana noMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, sihamba noMnu Nododile Ndamase oyinhloko yehhovisi leSilo langasese, ngale kokwazisa iNdlunkulu kaZulu.

Kulowo mhlangano kwakudingidwa ngombhikisho wangomhla ka-30 June

Kulowo mhlangano, kuthiwa kwakudingidwa ngombhikisho owawuzoba ngomhla ka-30 June, uholwa yinhlangano iMarch and March.

Kwezwakala izwi okuthiwa ngelikaMntwana uThulani kwi-video eyayisabalele ezinkundleni zokuxhumana, ekhwela edilika kuNdamase. Lokhu kwasinenga kakhulu iSilo, sabe sesimxosha.

UButhelezi utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi benze le video ngoba befuna ukuphendula ukucabanga kwabantu.

"Besihlangene KwaPhindangene siyokwethula iPrince Mangosuthu Marathon, ngase ngenza le nkulumo ngoLwesithathu ukuqinisekisa (uzwano) ebantwini abanezinsolo zokuthi kasisabhekani ngenxa yokuqokwa kwami esikhundleni ebesiphethwe nguyena uMntwana uThulani."


0