08 | Izindaba
Friday, 13 February 2026
Nhlanhla Hudla
BAKUFANISA nokumbuleka kwekhasi elisha ukunqoba ku-Ward 13, abeqembu le-IFP, njengoba bekubona kuzobasiza kakhulu okhethweni lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuba lube sekupheleni konyaka.
ILANGA likhuluma noMnu Sfundo Ngwane
oyiDistrict Chairman kuleya ndawo, uncome indlela abantu abakhombise ngayo ukubeseka.
"Siyathobeka ngokwethenjwa esikutholile. Ukunqoba kuzokwenza ukuthi siye okhethweni sihambela phezulu. Sithembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukunikeza abantu bakuleyandawo izidingo ezibafanele.
UMasipala waseMzumbe le wadi engaphansi kwawo uphethwe ngokubambisana, yi-IFP ne-ANC.
UMnu Mkhuleko Hlengwa ongumkhulumeli waleli qembu (IFP), uthi bakubheke kakhulu ukusiza abantu baku-Ward 13.
"Ukunqoba kusho lukhulu eqenjini njengoba izibalo zikhombisa ukwenza kahle kusukela ngo-2024. Sibheke ukwenza kahle nakwezinye izindawo ezinjengasebaQulusini naKwaNongoma."esho.
Kwenzeka lokhu nje, ikhansela ekade liphethe
ku-Ward 13, uMnu Siyabonga Ndoncabe, washiya leli qembu wajoyina iMK Party okuyikhona okwenze i-IFP yathembela kuShozi ukuba asebenze
kule-ward.
hudla@ilanganews.co.za