Izindaba | 08

Friday, 09 May 2025


I-Playhouse nomcimbi wokugqamisa uCothoza


Image

Mthobisi Sithole

KUHLEHLISWE umcimbi wesiCathamiya, ngenxa yomdlalo webhola ozokuba seThekwini ngoMgqibelo.

Lo mcimbi wedili lesiCathamiya, obekulindeleke ukuba nawo ube ngoMgqibelo, usuhlehliselwe umhla ka-24 kuNhlaba (May).

Inhloko yoMnyango wezokuXhumana eThe Playhouse, eThekwini, uNkz Mantombi Tofile, ithe babone ukuthi kule mpelasonto abantu abaningi bathakasele ukuyobuka ibhola.

"Sibone ukuthi abantu abaningi ngeke babe yingxenye yomcimbi wesiCathamiya uma kuqondene nomdlalo webhola omkhulu kangaka.

"Abathandi balo mculo, ingxenye eningi yabo bathanda ibhola, futhi amaqembu adlalayo makhulu kakhulu. Sifuna ukuthi abathandi bomculo kaCothoza, bathole ithuba lokuzilungiselela kahle, ukuze umcimbi ube yimpumelelo," esho.

Image

"UCothoza usilele emuva uma uqhathaniswa
nezinye izinhlobo zomculo wesintu"

UNkz Tofile utshele leli phephandaba ukuthi lo mcimbi wesiCathamiya uzobe wenzeka okokuqala ngqa eThe Playhouse. Uthi eminyakeni edlule abeqhudelana amaqembu kaCothoza ebanga isiteki, kanti kulo nyaka kuzobe kuyiFestival, akusiwona umqhudelwano wesiteki. Uveze ukuthi bazama ukukhulisa lo mculo.

"Umculo wesintu kufanele siwusukumele ukuze ukhule kakhulu. UCothoza usilele emuva uma uzoqhathaniswa nezinye izinhlobo zomculo wesintu, ikakhulukazi umaskandi. Ngakho-ke sizama ukwenza okwenzeka nakumaskandi ngokuthi senze ama-festival," kusho uNkz Tofile.

Image

Amathikithi okubukela lo mcimbi atholakala ngo-R100 eWebtickets.

Amaciko azoshiyelana inkundla awu-10, phakathi kwawo kubalwa iRoyal Messengers, iZulu Messengers, iKhalabhayi Boys, iPomeroy Golden Stars namanye.
Umcimbi uzoqala ngo-3 ntambama.

UNkz Tofile uthi nakuba kuyidili lomculo, kodwa oNobuhle noSwenka, nabo bazoba yingxenye yalo mcimbi ukuze babukise ngengqephu yabo.

Abaphathi bohlelo ngowayengumsakazi woKhozi FM, uVicky Masuku noLeeh Hlophe woKhozi FM.

mthobisis@ilanganews.co.za



0